Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuboshwe nekhehla elina-74 kwababanjwe beshayela bephuzile

Kuboshwe nekhehla elina-74 kwababanjwe beshayela bephuzile

by | 27 December 2025

KUBOSHWE nekhehla elineminyaka ewu-74 ubudala ngokushayela imoto licwile ezinkambeni zikaFaro ngoholidi leBoxing Day ngesikhathi amaphoyisa omgwaqo eqhuba umkhankaso wawo obizwa ngokuthi #NenzaniLaEzweni eMargate ePort Shepstone.

Ngokwesitatimende soMnyango wezokuThutha KwaZulu Natal kuboshwe abashayeli abawu-38 ababanjwe beshayela izimoto bedakiwe. Kwababoshiwe kubalwa nomshayei oneminyaka ewu-74 ubudala, abesifazane abawu-9 nabesilisa abawu-29.

ENewcastle kuboshwe abawu-32 obekukhona kubona iphoyisa, othisha ababili nezisebenzi zezimo eziphuthumayo osebenza kwizicishamlilo nosebenza nama-ambulence.

EGroutville eStanger kuboshwe abanye abawu-32 ngakho ukushayela bedlela amanzi amponjwana.

Kubona bekukhona nobeminyaka ewu-65 ubudala.

UNgqongqoshe walo mnyango uMnu Siboniso Duma uncome ukusebenza ngokuzimisela kwamaphoyisa omgwaqo ikakhulukazi ngalesi sikhathi sonyaka.

Uthe abantu bakulesi sifundazwe bakhuthazekile ngendlela amaphoyisa akhombisa ngayo ukuzimisela ukulwa nokuqeda izingozi zomgwaqo.

UDuma ubonge amaphoyisa kaMasipala waseRay Nkonyeni, KwaDukuza kanjalo namaphoyisa kazwelonke SAPS nawomgwaqo iNational Traffic Police.

Uveze ukuthi kusukela ngomhla ka-12 ku-August nonyaka sekuboshwe abashayeli abalinganiselwa ku-2600 ngokwephula imithetho yomgwaqo.

Ezisematheni

Uthenjiswa umsebenzi ofike eMabhida efake ijazi lemfundo

Uthenjiswa umsebenzi ofike eMabhida efake ijazi lemfundo

“AKUBANGA lula ukungena enkundleni ngigqoke iminyezane yami yemfundo noqwembe lokucela umsebenzi ngoba baningi abebesho abakuthandayo, bengedelela, kodwa kangibanakanga ngoba bengizitshelile ukuthi kungenzeka kube khona ozokwazi ukungisiza.” Usho kanje uMnu Sibonelo...

Ezinhle kuRoma kwelulama umholi wawo

Ezinhle kuRoma kwelulama umholi wawo

KUBE yinjabulo kumalungu ebandla lamaRoma aKhatholika umhlaba wonke, umholi wawo omkhulu uPope Leo XIV ededelwa esibhedlela izolo ngoMgqibelo ngemuva kokuhlinzwa. UPope Leo ubelaliswe esibhedlela i-Agostino Gemelli University Hospital esiseRome, lapho ahlinzwe khona...

UMbalula ufikelwe yisibibithwane nesiyezi i-ANC ivunwa yinkantolo

UMbalula ufikelwe yisibibithwane nesiyezi i-ANC ivunwa yinkantolo

UVUKWE yisibibithwane, wafikelwa yisiyezi  uNobhala Jikelele we-ANC, uMnu Fikile Mbalula ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, ngemuva kwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo. Inkantolo ivune iqembu lakhe ngokubhaliswa kwamagama okumele abesohlwini lwalabo abagaqele...