Ilanga News
Home 9 Featured 9 Abaholi asebeqinile okhakhayini bayawahluza amagama abawaphimisayo

Abaholi asebeqinile okhakhayini bayawahluza amagama abawaphimisayo

by | 14 August 2025

NGUMNU Fikile Mbalula onguNobhala-jikelele we-ANC.


CISHE wonke amazwe athuthukileyo naphumelelayo emhlabeni, avamise ukuba nobuholi emaqenjini akuhulumeni, obunesizotha, obuyicabangayo into obuzoyisho esidlangaleni, ngaphambi kokuvula umlomo.

Kujwayele futhi ukuba kube nomehluko ekukhulumeni kwabaholi beqembu asebekhulile, nabaholi bohlaka lwentsha yalo, bona kwesinye isikhathi abake baphimise amagama anenhlabathi, izingwevu zeqembu
ezingeke zakwazi ukuwasho.

UNobhala-jikelele weqembu elikhulu kuhulumeni wobumbano i-ANC, uMnu Fikile Mbalula, ukhulumise okwelungu lohlaka lwentsha lukaKhongolose, hhayi okomholi oseqine ukhakhayi, esigcawini semithombo yabezindaba, ngeledlule, ngesikhathi ekhwela edilika kuhulumeni kaMengameli waseMelika, uDonald Trump.

UMbalula, obekhuluma emuva komhlangano wesigungu esikhulu seqembu lakhe, ugxeke iMelika ngokukhokhisa iNingizimu Afrika intela (tariff) ewu-30%, wathi uTrump ukwenza lokhu ngoba ejezisa leli lakithi ngoba lingafuni ukwenza intando yeMelika.

Kukhona amagidangoma, okungaba ngamalungu eqembu likaMbalula, amshayele ihlombe ngenkulumo yakhe. Kodwa abantu abahluzile ekhanda, bayakuqonda ukuthi inkulumo yalo mholi, ongomunye wabaqavile abayisikhombisa abalawula i-ANC, kayilindelekile kumuntu osesikhundleni asiphethe.

Empeleni ukhulumise okwelungu lohlaka lwentsha lweqembu lakhe, hhayi umholi osezingeni likazwelonke, futhi oqembu lakhe lihola uhulumeni wezwe. Le nkulumo kaMbalula enenhlabathi, ingaba nomthelela wokufaka unyawo ezingxoxweni eziqhubekayo phakathi kongqongqoshe bakahulumeni nezikhulu zezohwebo zikahulumeni waseMelika, ezihlose ukwehlisa le ntela kaTrump emba eqolo, ezoba nomthelela omubi ezimbonini zakuleli ezikhiqiza izitshalo ezifana nokusawolintshi, umkhiqizo wewayini, nokudayiswa kwezimoto ezakhiwa kuleli, zidayiselwe iMelika.

Le nkulumo ibingalindeleka kumholi weqembu eliphikisayo, elingekho kuhulumeni njengoMnu Julius Malema we-EFF. UMbalula wenze umsebenzi kahulumeni wakhe wokwehlisa imimoya ephakeme phakathi kwaleli neMelika, ube lukhuni satshe, esikhathini lapho iNingizimu Afrika ivele iyisaliwakazi, ifana neqaqa kuhulumeni kaTrump.

Kunabathile eqenjini likaMbalula abambona njengomuntu ongahola iqembu labo ngelinye ilanga, mhlawumbe nezwe lethu imbala, angene ezicathulweni zikaMnu Cyril Ramaphosa. Kodwa uma ubheka izinkulumo zikaMbalula, ikakhulukazi uma ekhuluma nemithombo yabezindaba, kusobala ukuthi naphezu kweminyaka yakhe engaphezu kuka-50, ukhakhayi kalukaqini, angafaka izwe eweni ngolwimi lwakhe olungaqoqekile.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...