Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo Featured 9 Kumiswe uMengameli weNetball South Africa

Kumiswe uMengameli weNetball South Africa

by | 20 April 2025

INHLANGANO eyengamele iNetball emhlabeni iWorld Netball (WN) imise umengameli weNetball South Africa (NSA) uCecialia Molokwane.

Ngokombiko weNSA ithi ithole incwadi iphuma kwiWN iyazisa ngokumiswa kukamengameli wayo uCecilia ophinde abe ngumengameli we-Africa Netball.

Kulencwadi kuthiwa akukho lapho icacisa khona ukuthi wenzeni. Ithi uzobizelwa esigcawini esilungisa ubugwegwe.

Kube sekudonswa ngendlebe iNSA ukuba iyihloniphe lencwadi ephuma kwiWN ngoba nayo ingase ilandele umengameli wayo.

INSA ithi izame kaningi ukuxhumana neWN izama ukuthola ukuthi kwenzekeni kodwa yanqaba yaphela ukuchaza ngokumiswa kukamengameli wayo.

Lencwadi kuthiwa iqhuba ithi izintambo kufanele zibanjwe yisekela likaCecilia kwiNSA uMami Diale kuze kuba uvela ngaphambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe.

UCecilia umiswa nje, ubesanda kuphumela obala ukuthi ufuna ukungenela ukhetho lweNSA ihlandla lwesithathu.

Ungene kwiNSA ngo-2017.

Lolu khetho luzokuba nonyaka.

Lesi sikhulu kuthiwa siyinkukhu nempaka nomengameli weKZN Netball uGugu Ngema.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...