Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo Featured 9 Kumiswe uMengameli weNetball South Africa

Kumiswe uMengameli weNetball South Africa

by | 20 April 2025

INHLANGANO eyengamele iNetball emhlabeni iWorld Netball (WN) imise umengameli weNetball South Africa (NSA) uCecialia Molokwane.

Ngokombiko weNSA ithi ithole incwadi iphuma kwiWN iyazisa ngokumiswa kukamengameli wayo uCecilia ophinde abe ngumengameli we-Africa Netball.

Kulencwadi kuthiwa akukho lapho icacisa khona ukuthi wenzeni. Ithi uzobizelwa esigcawini esilungisa ubugwegwe.

Kube sekudonswa ngendlebe iNSA ukuba iyihloniphe lencwadi ephuma kwiWN ngoba nayo ingase ilandele umengameli wayo.

INSA ithi izame kaningi ukuxhumana neWN izama ukuthola ukuthi kwenzekeni kodwa yanqaba yaphela ukuchaza ngokumiswa kukamengameli wayo.

Lencwadi kuthiwa iqhuba ithi izintambo kufanele zibanjwe yisekela likaCecilia kwiNSA uMami Diale kuze kuba uvela ngaphambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe.

UCecilia umiswa nje, ubesanda kuphumela obala ukuthi ufuna ukungenela ukhetho lweNSA ihlandla lwesithathu.

Ungene kwiNSA ngo-2017.

Lolu khetho luzokuba nonyaka.

Lesi sikhulu kuthiwa siyinkukhu nempaka nomengameli weKZN Netball uGugu Ngema.

Ezisematheni

Bakhale kuSihlalo we-IFP waseKZN ekhankasela ukhetho

Bakhale kuSihlalo we-IFP waseKZN ekhankasela ukhetho

ABADAYISA emgaqweni eMgungundlovu, bathole ithuba lokuzikhalela kuSihlalo we-IFP, uMnu Thamsanqa Ntuli ngezinkinga ababhekene nazo zokuswela izindawo zokudayisa nokuvinjwa ngabokufika eNingizimu Afrika abathi sebethathe zonke izindawo kuleli dolobha. Lokhu bakuveze...

Inkosi yamaNyuswa ifake isigxivizo kogaqele esobukhansela

Inkosi yamaNyuswa ifake isigxivizo kogaqele esobukhansela

Ogaqele isikhundla sobukhansela kwaNyuswa ngaphansi kwesiFunda saseThekwini wemukelwe ngenhlokomo ubuholi bendabuko ngesikhathi ezokwethulwa ubuholi emphakathini. UMnuz Siphiwe Bulose ubezokwethulwa ngoLwesihlanu njengefolosi le-ANC kuward 2 emcimbini wezinduna...

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

AKHULUME ngazwi linye, avumelana ngokuziphatha kahle amaqembu ezepolitiki akhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya olungomhla ka-4 kuLwezi (November). Bekunomcimbi wokusayinwa kwesivumelwano sokuziphatha nokuzibophezela, e-Olive Convention Centre, eThekwini,...