Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuboshwe nonina wengane eqoshwe ibhenyiswa

Kuboshwe nonina wengane eqoshwe ibhenyiswa

by | 30 July 2025

KUBOSHWE abantu abathathu okubalwa kubona nonina wengane ebonakala kwi-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana ibonakala ibhenyiswa izidakamizwa.


Amaphoyisa aseGoli akuqinisekisile ukuthi abasolwa baboshwe ngoLwesibili eNewclare. Le video esabalale ekuqaleni kwaleli sonto isuse umsindo ezinkundleni zokuxhumamana, kwaze kwangenelela uphiko lweKP, ngaphansi kwamaphoyisa kamasipala waseGoli, iJMPD.

Okhulumela iJMPD, uMnu Xolani Fihla, uthe amalungu abo abehambahamba ehlola indawo ngesikhathi elunywa indlebe ngalapho kukhona abasolwa.


“Amaphoyisa anikele emzini oseNewclare lapho efice khona unina wengane ovelayo kule video. Ube esekhomba abanye ababili abavelayo, okubalwa kubona noqophe i-video,” esho.

Kuthiwa abasolwa, behlohlwa imibuzo ngamaphoyisa, bavumile ukuthi bebesenzisa isidakamizwa iMandrax, nokuthi bayiqophile i-video. Bebesagqunywe esitokisini kanti bekulindeleke ukuba bavele enkatolo maduze ngamacala okubalwa kuwona nokuhlukumeza umntwana.

Omakhalekhukhwini babo bazoya kocwaningwa ukuze abakuqukethe kuzosetshenziswa enkantolo. Umntwana usisiwe kulo muzi, wabekwa ngaphansi kweso lophiko lweFamily Violence, Child Protection, and Sexual Offences Unit, ngaphansi kweSAPS.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...