Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ungqongqoshe uyohlola umonakalo wezikhukhula e-Eastern Cape

Ungqongqoshe uyohlola umonakalo wezikhukhula e-Eastern Cape

by | 17 June 2025

UNGQONGQOSHE wezokuHlaliswa kwaBantu uNkk Thembi Simelane uvakashele e-Eastern Cape ukuyohlola umonakalo odalwe yizikhukhula kulesiya sifundazwe ngeledlule.


Namuhla ngoLwesibili ekuseni bese sifinyelele ku-90 isibalo sabantu okuqinisekiswe ukuthi bashonile kule nhlekelele, kanti abawu-30 babo bekuyizingane. Yethuse abaningi ingozi yetekisi egugulwe ngamanzi omfula, kwashona kuyona izingane eziwu-6, kwathi ezintathu zasindiswa wukubambelela ngezihlahla.


Uhambo lukaNkk Simelane, lwezinsuku ezintathu, luza ngemuva kokuba uMengameli Cyril Ramaphosa ehambele izindawo ezikhahlamezeke kakhulu, okubalwa kuzona ezingaphansi komasipala besifunda i-OR Tambo naMathole.


Uhulumeni wase-Eastern Cape, oholwa nguNdundankulu uMnu Oscar Mabuyane, ubeke usuku lwangoLwesine njengolokuzilela imiphefumulo elahlekile.


Abotakulo bebesaqhubeka nokubheka ezinye izisulu, kanti uhulumeni, izinhlangano ezisiza umphakathi nabezenkolo basebenza ngokubambisana ukusiza imindeni esale dengwane.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...