Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ungqongqoshe uyohlola umonakalo wezikhukhula e-Eastern Cape

Ungqongqoshe uyohlola umonakalo wezikhukhula e-Eastern Cape

by | 17 June 2025

UNGQONGQOSHE wezokuHlaliswa kwaBantu uNkk Thembi Simelane uvakashele e-Eastern Cape ukuyohlola umonakalo odalwe yizikhukhula kulesiya sifundazwe ngeledlule.


Namuhla ngoLwesibili ekuseni bese sifinyelele ku-90 isibalo sabantu okuqinisekiswe ukuthi bashonile kule nhlekelele, kanti abawu-30 babo bekuyizingane. Yethuse abaningi ingozi yetekisi egugulwe ngamanzi omfula, kwashona kuyona izingane eziwu-6, kwathi ezintathu zasindiswa wukubambelela ngezihlahla.


Uhambo lukaNkk Simelane, lwezinsuku ezintathu, luza ngemuva kokuba uMengameli Cyril Ramaphosa ehambele izindawo ezikhahlamezeke kakhulu, okubalwa kuzona ezingaphansi komasipala besifunda i-OR Tambo naMathole.


Uhulumeni wase-Eastern Cape, oholwa nguNdundankulu uMnu Oscar Mabuyane, ubeke usuku lwangoLwesine njengolokuzilela imiphefumulo elahlekile.


Abotakulo bebesaqhubeka nokubheka ezinye izisulu, kanti uhulumeni, izinhlangano ezisiza umphakathi nabezenkolo basebenza ngokubambisana ukusiza imindeni esale dengwane.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...