Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kubulawe umfundi kubangwa intombi

Kubulawe umfundi kubangwa intombi

by | 18 May 2025

IKHIPHE isidumbu impi yabafundi baKwaNomathiya Technical High School, KwaSomkhele, eMtubatuba ngoLwesithathu ntambama. Ngokuthola kwaleli phephandaba, kuthiwa kunombango wezigodi omdala, kodwa okukhiphe isidumbu, kungenxa yentombazane ebibangwa.

Kubikwa ukuthi umufi uNqubeko Buthelezi obefunda uGrade 11, ubekade engesiyona ingxenye yabalwayo kodwa ubezwana nabasembangweni wentombi. Kuthiwa impi iqale esikoleni, bayilamula othisha, kuthe uma ukuphuma isikole, yasuka okuyilapho egwazelwe khona uNqubeko ngaphandle kwesikole washonela khona lapho. Umthombo weLANGA Lempelasonto, uthi ukulwa kwabafundi ngokwezigodi kujawayelekile, kodwa okwenzeke ngoLwesithathu kuwushaqisile umphakathini.


“Umfundi ogwaziwe ubengesiyona ingxenye yempi, kusolakala ukuthi kulaba ebebelwa, kukhona abuye ahambe nabo-okungenzeka ukuthi bebekhiphela kuyena ukucasuka kwabo. Umfundi ufele khona lapho ngaso leso sikhathi,” kusho umthombo.


kuthiwa umfundi obangwayo ufunda kusona lesi sikole. Ngokusho kwabantu ababonile kwenzeka lesi sigameko, kuthiwa lona obeshawa akabuyiselanga wabe esethinta asondelene nabo. Kuthiwa lesi sigameko senzeke eduzane nesikole.


“Le mpi ibisihlanganisa nabantu okungesibona abafundi, kodwa ukulwa kwabo bekuthinta abafunda ngaphakathi. Ngesikhathi bevimbana, abanye babelekile. Lona oshonile akabalekanga, bamgwaze washonela khona lapho. Othisha bafike selidume ledlula, isilele phansi ingane ingasekho emhlabeni. Sidumele iyathusa le nto eyenziwa izingane,” esho.


Imizamo yokuthola isigungu sabazali bakulesi sikole ayiphumelelanga.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnu Muzi Mahlambi uthi badlulisa amazwi enduduzo emndenini , kothisha nakubafundi.


“Umnyango wezeMfundo udlulisa ukudabuka kakhulu ngokwenzekile,” esho. Amaphoyisa KwaZulu-Natal athunyelelwe imibuzo ngalesi sigameko nakuba kushaye isikhathi sokushicilela engakasiqinisekisi isigameko.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...