Ilanga News
Home 9 Featured 9 “Lisengcupheni”ikusasa lesikhulu se-IDAC

“Lisengcupheni”ikusasa lesikhulu se-IDAC

by | 22 July 2026

LIBUKEKA lisengcupheni ikusasa likaNkk Andrea    Johnson (osesithombeni),   oyisikhulu esiphezulu senhlangano ezimele ephenya inkohlakalo, i-Independent Directorate Against Corruption (IDAC). 

NgokweNews24, uNgqongqoshe woMnyango wezobuLungiswa uNkz Mmamoloko Kubayi, uthathe isinqumo sokudlulisa udaba luka- Nkk Johnson kuMengameli uCyril Ramaphosa, ephakamisa ukuba amiswe esikhundleni sakhe.

Lesi sinqumo siqhamuke emuva komhlangano obungoLwesihlanu, obuhlanganisa ungqongqoshe, inhloko yezokuShushisa uMnu Andy Mothibi noNkk Johnson. 

UNkz Kubayi kubikwa ukuthi uthe uNkk Johnson makamiswe, bese kuqala uphenyo ngokuthi ukulungele yini ukuphatha isikhu- ndla sakhe kwi-IDAC. 

Kuvela ukuthi ngoZibandlela (December) nyakenye, inhlangano iPublic Interest SA, yafaka isima- ngalo ngokusebenza kukaNkk Johnson. 

Esitatimendeni esikhishwe yi- hhovisi likangqongqoshe, umhla- ngano wangoLwesihlanu ubuhlose ukudingida ukukhathazeka ngobufakazi obethulwe kwiKhomishini kaMadlanga, obuveza ukuthi uNkk Johnson wenza okuphambene nomthetho, ngokudlulisela idokodo lecala lokushaya elalibhekene nesikhulu sophiko lwezobunhloli emaphoyiseni, uMajor General Feroz Khan. 

Okunye, yimibuzo ngokushushi-swa kwenhloko yophiko lwezobu- nhloli emaphoyiseni, uLt General Dumisani Khumalo, nezinye izikhulu zalolu phiko. 

Ngeledlule, kubikwa ukuthi okhulumela ihhovisi likaMothibi uMnu Kaizer Kganyago, utshele iNews24 ukuthi uPhiko lwezoku- shushisa ngokubambisana nesigu- ngu esizimele, licubungulisise wonke amacala e-IDAC, athinta uphiko lwezobugebengu obuhleliwe emaphoyiseni.

 Kubikwa ukuthi ngemuva kokuba uNkk Johnson ezicelele, uMothibi ugcine emsusa ekubeni yingxenye yala macala. 

UNkk Johnson kwakumele avele kwiKhomishini kaMadlanga emasontweni amabili adlule, wa- gcina engakwazanga ngenxa “yokuxinwa wukugula”. 

Kulindeleke ukuba avele kule khomishini ngoLwesibili. Bobabili uNkz Kubayi noMothibi bakubeke kwacaca ukuthi kumele kube nabakwenzayo ukuvikela isithunzi se-NPA ne-IDAC. 

Kulindeleke ukuba isinqumo ngekusasa likaNkk Johnson, simenyezelwe maduze. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...