Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kwexwayiswa ngemvula enamandla KwaZulu-Natal

Kwexwayiswa ngemvula enamandla KwaZulu-Natal

by | 18 December 2024

I-South African Weather Service isikhiphe isexwayiso ngezimvula ezinamandla ezihambisana nokuduma kwezulu ezilindelwe ukuba zigadle ezingxenyeni eziningi zaKwaZulu-Natal kusukela namuhla ngoLwesithathu ntambama kuya entathakusa kusasa ngoLwesine.

Kuthiwa lezi zimvula zingadala izikhukhula ezingacekela phansi imigwaqo nezakhiwo (ikakhulu imijondolo) futhi zidale nokuthi kungashayeleki kahle emigwaqweni yakuleli.

Umasipala weTheku ukhiphe isitatimende unxusa abashayeli ukushayela ngokucophelela, bangalandelani eduze emigwaqweni emanzi. Uthe ithimba lawo elibhekelele izinhlekelele limi ngomumo, ukuphuthuma lapho lidingeka khona.

Kunxuswa nabantu ukuqaphela nokuhlala ezindlini, bagweme izindlela ezingabalulekile nokuwela imihosha nemifula.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...