Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kwexwayiswa ngemvula enamandla KwaZulu-Natal

Kwexwayiswa ngemvula enamandla KwaZulu-Natal

by | 18 December 2024

I-South African Weather Service isikhiphe isexwayiso ngezimvula ezinamandla ezihambisana nokuduma kwezulu ezilindelwe ukuba zigadle ezingxenyeni eziningi zaKwaZulu-Natal kusukela namuhla ngoLwesithathu ntambama kuya entathakusa kusasa ngoLwesine.

Kuthiwa lezi zimvula zingadala izikhukhula ezingacekela phansi imigwaqo nezakhiwo (ikakhulu imijondolo) futhi zidale nokuthi kungashayeleki kahle emigwaqweni yakuleli.

Umasipala weTheku ukhiphe isitatimende unxusa abashayeli ukushayela ngokucophelela, bangalandelani eduze emigwaqweni emanzi. Uthe ithimba lawo elibhekelele izinhlekelele limi ngomumo, ukuphuthuma lapho lidingeka khona.

Kunxuswa nabantu ukuqaphela nokuhlala ezindlini, bagweme izindlela ezingabalulekile nokuwela imihosha nemifula.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...