
BACETSHISWE ngamasu azobalekelela wugalagala lomqeqeshi wezokugijima, uMnu Xolani Mabhida, abagijimi abawu-30 abamele isikhungo iDurban University of Technology (DUT), emjahweni waminyaka yonke iComrades Marathon, ekusasa, ngeSonto.
UMabhida ubecebisa laba bagijimi abahlanganise izisebenzi zisikhungo, izitshudeni kanye nasebagogoda kulesi sikhungo, emcimbini wokubabongela obowubanjelwe kulesi sikhungo.
Ebacebisa, uthi kubalulekile ukuthi imiqondo yabo icabange okuhle kodwa ngalo mjaho.
“Uma ugijima kulo mjaho kubalulekile ukuthi uzibheke wena, hhayi abanye abantu. Lokhu kuzokulekelela ukuthi ukwazi ukuwuqeda umjaho. Uma ugijima kulo mjaho kubalulekile nokuthi ulalele umzimba wakho ukuze ugweme ukulimala okungenasidingo. Uma uzizwa ukuthi ukhathele kulungile ungalehlisa ijubane kodwa ungami endaweni eyodwa isikhathi eside ukuze ugweme izimo ezingakwenza ugcine ungaqedanga ezifana namajaqamba nokunye,” esho.

Eqhuba uthi abagijimi kumele balijabulele leli thuba, balisebenzise ngendlela eyohlezi iwumlando ezimpilweni zabo.
Isikhulu esiphezulu esibhekelele ukusebenza kwesikhungu, nabesiyingxenye yabagijimi besikhungo eminyakenki eyedlule, uDkt David Mohale, ubonge ukwanda kwabagijimi abamele iDUT kulo mjaho.
Uhambe emazwini kaMabhida wokuthi abagijimi kumele bazibheke bona ukuze bakwazi ukuqeda umjaho.
Omunye wabagijimi abazoba yingxenye yomjaho, oyisisebenzi saseDUT nowenza iziqu zobudokotela kwiChemical Engineering, uMnu Lindokuhle Manyoni, uthi kuyamthokozisa ukuba yingxenye yalo mjaho. Uthi unethemba lokuthi ithimba labagijimi elimele isikhungo lizokhula kule minyaka ezayo.







