Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 IPirates isinqume ukusheshe imkhulule uRiveiro

IPirates isinqume ukusheshe imkhulule uRiveiro

by | 12 May 2025

I-ORLANDO Pirates isinqume ukusheshe imdedele umqeqeshi wayo uJose Riveiro, singakafiki isikhathi obekuvunyelwene ukuthi uzoshiya ngaso, okuwukuphela kukaNhlangulana (June).

Ngokusho kwesitatimende esikhishwe yile kilabhu namuhla ngoMsombuluko, kuzokube kungokokugcina uRiveiro ehleli ebhentshini, njengoba bezobhekana neLamontville Golden Arrows koweBetway Premiership kusasa ngoLwesibili ngo-19h30 e-Orlando Stadium, eSoweto.

Usihlalo weBucs u-Irvin Khoza uthe: “UJose uze kithina emasontweni edlule, wacela ukusheshe akhululwe ngaphambi kokuphela kwenkontileka yakhe njengoba esesayine kwenye ikilabhu.”

Kwenzeka lokhu nje, amaBhakaniya asazikhotha amanxeba kulandela ukuguqiswa ngo-2-1 ngomkhaya bawo iKaizer Chiefs kowamanqamu weNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoMgqibelo.

Kusasa azolwela ukuvala igebe kwiMamelodi Sundowns esisele ngephuzu elilodwa inqobe iligi okuzokube kuyihlandla lika-8 kulandelana. IPirates isalelwe yimidlalo emihlanu okumele iyinqobe yonke ngenqwaba yamagoli, bese iDowns idliwa kule midlalo emibili eyisalele ukuze yone umcimbi wamaSandawana, okubukeka kuwumqansa onzima kakhulu.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...