Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kudutshulwe umfana (13) esegcekeni lakubo eMaotana

Kudutshulwe umfana (13) esegcekeni lakubo eMaotana

by | 9 January 2025

SEKUDUTSHULWE kwabulawa umfanyana 13 esegcekeni kubo eMaotana ngabantu okuthiwa bebefuna isibhamu.

Kubikwa ukuthi umufi ufunda esikoleni samabanga aphansi KwaGinga Primary.

Ngokombiko, kuthiwa umufi ofunda amabanga aphansi ubehlezi egecekni kubo nabanye abafana ngesikhathi kuqhamuka abasolwa abathathu okuthiwa bebezifihle ubuso ngama-balaclava.

Kubikwa ukuthi abasolwa bafike kulaba bafanyana babuza isibhamu okuthiwa sibonakale siphethwe ngumufi phambili.

Ngokwesitatimende sika Reaction Unit South Africa okuyinkampani yonogada, abasolwa babe sebeshaya laba bafanyana nokugcine ngokuthi badubule umufi ekhanda maqede bashaya bachitha

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...