Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kudutshulwe umfana (13) esegcekeni lakubo eMaotana

Kudutshulwe umfana (13) esegcekeni lakubo eMaotana

by | 9 January 2025

SEKUDUTSHULWE kwabulawa umfanyana 13 esegcekeni kubo eMaotana ngabantu okuthiwa bebefuna isibhamu.

Kubikwa ukuthi umufi ufunda esikoleni samabanga aphansi KwaGinga Primary.

Ngokombiko, kuthiwa umufi ofunda amabanga aphansi ubehlezi egecekni kubo nabanye abafana ngesikhathi kuqhamuka abasolwa abathathu okuthiwa bebezifihle ubuso ngama-balaclava.

Kubikwa ukuthi abasolwa bafike kulaba bafanyana babuza isibhamu okuthiwa sibonakale siphethwe ngumufi phambili.

Ngokwesitatimende sika Reaction Unit South Africa okuyinkampani yonogada, abasolwa babe sebeshaya laba bafanyana nokugcine ngokuthi badubule umufi ekhanda maqede bashaya bachitha

Ezisematheni

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

NGUMBHISHOBHI uMpendulo Nkambule nowakwakhe ongasekho uNkk Zanela Mbokazi-Nkambule. UVUME izingqinamba abahlangabezane nazo umBhishobhi Mpendulo Nkambule, ngemuva kokudlula emhlabeni kukaNkk Zanele Mbokazi-Nkambule ongumsunguli weCrown Gospel Awards. Uthi lokhu kwenze...

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....