Ilanga News
Home 9 Izindaba zakamuva 9 UTrump uhoxise iMelika kwiWorld Health Organization

UTrump uhoxise iMelika kwiWorld Health Organization

by | 21 January 2025

USEQALILE ukunyakazisa umhlaba uMnu Donald Trump, ogcotshwe ngoMsombuluko njengomengameli omusha we-United States of America. Ngosuku lokuqala njeemsebenzini, namuhla ngoLwesibili, uTrump usayine amaphepha aqinisekisa ukuhoxa kwezwe lakhe ekubeni yingxenye yeWorld Health Organization.

Uphinde wayalela nokuthi iMelika ibuyekeze imali eyichithayo uma yelekelela amanye amazwe, okuqinisekisa ukuthi wayengasinisi amahleza uma ethi uzobeka izwe lakhe phambili.

Kuzokhumbuleka ukuthi iWHO idlala indima ebalulekile ukwelekelela amazwe asathuthuka, njengawase-Afrika, ukulwa nezifo eziwumbhedukazwe njengengculazi,iMalaria,neCovid-19.

UTrump ukhale ngokuthi izwe lakhe yilona elifaka kakhulu imali kwiWHO, ekubeni iChina ikhokha kancane, yize iyizwe elikhulu kunelakhe. Usole iWHO nangokulawulwa yipolitiki yamazwe ayingxenye yayo nokugodla ulwazi olubalulekile ngokuthi yaqala kanjani iCovid-19.

UTrump wethembise ukuqinisa imingcele yezwe lakhe nokubuyisela emazweni abo abantu abaseMelika, abakuleliya lizwe ngokungemthetho. Okunye okwenyuse izinhlonze kubantu umhlaba wonke yisimemezelo sikaTrump sokuthi iMelika izokufakavala ukuthi bantu babe wubulili okungebona obesilisa nobesifazane.

“Kusukela namuhla, kuzokuba yinqubomgomo ye-United States of America ukuthi bubili kuphela ubulili, obesilisa nobesifazane,” kusho uTrump.

Amehlo omhlaba athe njo eMelika ukubona ukuthi kuzokwenzekani kubantu abashintsha ubulili (transgender) nabanye abanyingxenye yomphakathi obizwa ngeLGBTIQ+ ukuya phambili.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...