Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 “Kufanele iMK Party imthathele izinyathelo uShivhambu” – kusho umhlaziyi

“Kufanele iMK Party imthathele izinyathelo uShivhambu” – kusho umhlaziyi

by | 22 April 2025


KUZOFANELE iMK Party imthathele izinyathelo uNobhala Jikelele wayo, uMnu Floyd Shivhambu ngesenzo sakhe sokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi enkonzweni yePhasika.

Lokhu kuvezwe umhlaziyi wezepolitiki ozimele uSolwazi Zakhele Ndlovu ofundisa izifundo zePolitical Science e-University of KwaZulu Natal othe uShivhambu udicilele phansi isithunzi seqembu angumholi walo ngokwesikhundla asiqhoqhobele sokuba nguNobhala Jikelele.

“Isikhundla sikaNobhala Jikelele singesesibili esimqoka eqenjini kulandela esikamengameli, ngakho ukubonakala kukaShivhambu noBushiri kube wubulima obuphindiwe njengoba bekumele akwazi ukuhlaziya ukuthi lokhu kuzomqhatha neqembu lakhe ikakhulukazi njengoba bekuwuhambo lwakhe olungahlangene nalo,” kusho yena.

Uthe uShivhambu ngalesi senzo sakhe sivulele nalabo abangazwani naye intuba yokuthi basisebenzisa ukuqhubeka nokumgxibha njengoba sekucacile ukithi kukhona iqeqebane elingahambisani nobuholi bakhe kuyona iMK Party. UNdlovu uthe kuzomangaza uma iMK Party ingazithathi izinyathelo ngalokhu ikakhulukazi njengoba ikhiphe isitatimende iziqhelelanisa nesenzo sakhe.

Uqhube ngokuthi okwenzwe uShivhambu akugcinanga ngokudicilela phansi isithunzi seqembu lakhe, kodwa esomthethosisekelo wezwe njengoba lo muntu kuvela ukuthi washiya umonakalo wakhombisa nokungawuhloniphi umthetho wakuleli.

“Kuyimanje iNingizimu Afrika isezinhlelweni zokumbuyisa ukuzobhekana nengalo yomthetho njengoba ebhekene namacala abucayi,” esho. UBushiri wavulelwa amacala okubalwa kuwo awokukhwabanisa, ukushushumbisa imali nokudlwengula. Uveze ukuthi ngokubona kwakhe okukho obengaba kuhle ngokuhambela leli bandla kukaShivhambu ngaphandle kokuthi ubezama ukuzakhela ugazi kubantu baseMalawi asebezinze kuleli njengoba bebaningi abakuleli lizwe asebengabakuleli ngokugcwele.

“Ngibona ukuthi usuka nenkolelo yakhe esekwi-EFF yokuhlanganisa izwekazi i-Afrika kodwa kuphambane izinkomishi kwangamhambela kahle,” esho. UMnyango wezobuLungiswa kuleli usigxekile isenzo sikaShivhambu. Ungqongqoshe walo mnyango uNkk Mmamaloko Kubayi usichaze njengesibukela phansi isithunzi seNingizimu Afrika.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...