Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuthungathwa abasolwa ngokudutshulwa kwabane

Kuthungathwa abasolwa ngokudutshulwa kwabane

by | 22 January 2025

UPHIKO oluphenya amacala abucayi e-Eastern Cape luphenya isigameko sokudutshulwa kubulawe abantu abane esigamekweni esenzeke ngoLwesibili.

Lesi sigameko kubikwa ukuthi senzeke ngoLwesibili emgaqweni uKhalendula eMotherwell ngezithuba zantambama.

Ngokombiko wamaphoyisa, kuthiwa kugasela abesilisa abathathu komunye umuzi okhona eMotherwell behlomile bangakhuluma lutho bavulela ngenhlamvu.

Kulesi sigameko, kubikwa ukuthi abashonile ngabesilisa abathathu abaneminyaka ephakathi kwengu 20 kuya kwengu 25 kanye noyedwa wesifazane oneminyaka engu 16 ubudala.

Kusona lesi sigameko kuphinde kwalimala nowesilisa oneminyaka engu 24 yena ophuthunyiswe esibhedlela.

Ngokwamaphoyisa okwamanje akukacaci ukuthi yini imbangela yokubulawa kwalaba.

Kucelwa noma ngubani ongaba nolwazi olungasiza amaphoyisa ukuba axhumane nomphenyi wecala uDetective Sargeant Nigel Write kulenombolo ethi 0829212312 noma ashayele inombolo yamahhala ethi 08600 10111

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...