Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuthungathwa abasolwa ngokudutshulwa kwabane

Kuthungathwa abasolwa ngokudutshulwa kwabane

by | 22 January 2025

UPHIKO oluphenya amacala abucayi e-Eastern Cape luphenya isigameko sokudutshulwa kubulawe abantu abane esigamekweni esenzeke ngoLwesibili.

Lesi sigameko kubikwa ukuthi senzeke ngoLwesibili emgaqweni uKhalendula eMotherwell ngezithuba zantambama.

Ngokombiko wamaphoyisa, kuthiwa kugasela abesilisa abathathu komunye umuzi okhona eMotherwell behlomile bangakhuluma lutho bavulela ngenhlamvu.

Kulesi sigameko, kubikwa ukuthi abashonile ngabesilisa abathathu abaneminyaka ephakathi kwengu 20 kuya kwengu 25 kanye noyedwa wesifazane oneminyaka engu 16 ubudala.

Kusona lesi sigameko kuphinde kwalimala nowesilisa oneminyaka engu 24 yena ophuthunyiswe esibhedlela.

Ngokwamaphoyisa okwamanje akukacaci ukuthi yini imbangela yokubulawa kwalaba.

Kucelwa noma ngubani ongaba nolwazi olungasiza amaphoyisa ukuba axhumane nomphenyi wecala uDetective Sargeant Nigel Write kulenombolo ethi 0829212312 noma ashayele inombolo yamahhala ethi 08600 10111

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...