Ilanga News
Home 9 Featured 9 Amalungu eSadtu ethule izikhalo kuRamaphosa

Amalungu eSadtu ethule izikhalo kuRamaphosa

by | 8 November 2024

BHEKI NDLOVANA

AMALUNGU enyunyana yothisha iSouth African Democratic Teachers Union asebenzise ithuba embizweni kamengameli wezwe eMnini, eMgababa, ukuzwakalisa izikhalo zawo.

Idlanzana lalawa malungu aqale abhikisha ngaphandle kwenkundla ebekwenzelwe kuyo umcimbi, ngokuhamba kwesikhathi angena ngaphakathi.

UNobhala weSadtu KwaZulu-Natal, uNkk Nomarashiya Caluza uwakhuzile amalungu wathi angabhikishi ngaphakathi, futhi mawangaphathi izingqwembe.

Ngokusho kukaNkk Caluza, into abakhala ngayo wukungakhokhi koMnyango wezeMfundo imali yezinsiza kusebenza ezikoleni, ebizwa phecelezi ngama-norms and standards. Uthi ukungakhokhwa kwale mali kuphazamisa ukusebenza ezikoleni ngenxa yokushoda kwezinsiza kusebenza. Uthi lesi simo siphoqa othisha ukuba bagcine sebeshaya emaphaketheni abo.

Kule mbizo kaMengameli Cyril Ramaphosa umphakathi wethule izikhalo zawo kuhulumeni.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...