Ilanga News
Home 9 Imibono 9 Kufanele iNingizimu Afrika ibe nebhange lesizwe

Kufanele iNingizimu Afrika ibe nebhange lesizwe

by | 27 August 2025

UMKHANKASO wokuthuthukisa abansundu emikhakheni yamabhizinisi, ngeke usheshe uthele izithelo uma lingekho ibhange elizobasiza, libanakekele. Amabhange aseNingizimu Afrika kawazimisele ukuthuthukisa umuntu onsundu.

Amaningi akwenza kube lula ukukuboleka imali, wenze isikweletu sokuthenga imoto, ukuvula amakhadi okuthenga ngezikweletu, nakho konke okungathuthukisi umuntu onsundu. Indaba yonakala uma umuntu onsundu ezama ukuboleka imali yokwenza ibhizinisi. Kunemithetho eminingi eyenza onsundu angayitholi imali yokwenza ibhizinisi. Uhulumeni uyazama ukwenzelela ngemithetho eminingi evuna abansundu, njengoBBBEE neminye yesenzangakhona (Affirmative laws), kodwa kunhlanga zimuka nomoya.

Enye into azama ngayo uhulumeni, wukunika abantu abansundu u-30%, uma kunemisebenzi ezindaweni abahlala kuzona. Konke lokhu abanikazi bama-bhange bayakubona ukuthi kuthuthukisa abantu abansundu. La mabhange kawakuthakaseli lokhu, ngoba abona sengathi kubandlululwa abamhlophe kanti akunjalo. Masikhumbule phela ukuthi abamhlophe babenzelelwa imi-nyaka ngeminyaka, yingakho kulula kubona ukuthola amathuba ezomnotho.

Sengathi lokhu kuyalibaleka, kodwa mina ngibona sengathi yinto yamabomu lokhu kulibala kwabo. Ingqinamba enkulu ebhekene nosomabhizinisi abansundu, wukuthola izibambiso zokuboleka imali (guarantees) efunwa ngamabhange.
Amabhange ala ukhasha, awezwa nakuzwa, noma ngabe imali yesibambiso uyayithola kwezinye izindawo ezibolekisa ngemali, kodwa uma kungezona ezinco-nywe yiwo, kabemukeli lutho.

Lokhu kwenza ukuphumelela kwabansundu kwezamabhizinisi kube lukhuni. Babalelwa ku-1,8 million osomabhizinisi abancane, abansundu eNingizimu Afrika. La mabhizinisi athwele kanzima, amaningi awo, acwile ezikweletini ngayo njalo imithetho engemihle kumuntu onsundu. Phela uma sivuma ukuthi ubandlululo kwakuyinto embi, kumele sikuvume nokuthi nalapha emabhizinisini mningi umonakalo owadaleka.

Baningi abantu abansundu abathola imisebenzi yamathenda kuhulumeni kodwa bangayiqedi. Lokhu kwenza umuntu onsundu abukeke eyisehluleki. Make ngilinganise nje; uma uthole umsebenzi ka-R40 million, kudingeka isibambiso sika-10%, okusho ukuthi kudingeka isibambiso sika-R4 000 000. Le mali ibanjwa yibhange uze uqede umsebenzi.

Uma uthole umsebenzi ka-R600 000 000, kulo msebenzi kungadingeka isibambiso sika- R60 000 000. Yonke le mali ihlala ebhange uze uqede umsebenzi. Ngaphezu kwale mali, kumele kube khona imali yokwenza umsebenzi. Ukuze uphumelele, kumele ubuyele kubo abamhlophe, usebenzisane nabo, baphinde bathathe imali eshisiwe kuwe. Ngisho ibhangengodla, imithetho yakhona kayibukeki icabangela ababecindezelwe.

Lokhu kusho ukuthi sohlala singelutho ezweni lethu. Siyolokhu sahlomula kulo 30%, nawo esibuye sibulalane, sibanga wona ezindaweni zethu. Into ebuhlungu wukuthi uma kwakhiwa izinxanxathela zezitolo (shopping malls/centres), enye imali isuke ibolekwe esikhwameni sezimpesheni zethu, esibizwa ngePublic Investment Corporation (PIC). Le mali itholwa ngabamhlophe kunathi thina abansundu.

Uma sezakhiwe futhi lezi zinxanxathela zezitolo, ngabamhlophe abahlomula ngamabhizinisi ngisho emakhaya imbala. Lokhu kwenza uzibuze ukuthi abaholi bethu, kabayiboni yini le nto, badidwa yini kangaka? Okusho ukuthi thina okwethu wukuba ngabathengi (consumers) njalo nje. Okusho ukuthi umsebenzi wethu wukuqhutshwa njengezi-nkomo siyovota, sivotela abantu abalala emsebenzini wabo. Kunabantu abaqhamuka emazweni adla imbuya ngothi, uma befika kuleli baphenduke izicebi phambi kwethu.

Ngabe abaholi bethu bavaleke amehlo, kababoni yini? Uma kunjalo, akulungile, kumele kulungiswe. Masingabi yizifika namthwalo ezweni lethu elinoju kangaka. Sekuyisikhathi sokuthi iNingizi-mu Afrika ibe nebhange lesizwe elizoba nozwelo kwabansundu.

Umnumzane Callistus Bheki Nkwanyana uneziqu zeMasters in Governance and Political Transformation.
Wayengumqondisi eKZN office of the Premier, kwiCommunity Partnership and Moral
Regeneration.
Ungumbhali wencwadi: i-“Talking to yourself, the journey to self-discovery”
Utholakala ku: nkwanyanacb-60@gmail.com /0665445466 ucingo / WhatsApp

Ezisematheni

Akhonzele ehholo amaNazaretha ‘axoshwe ethembelini’

Akhonzele ehholo amaNazaretha ‘axoshwe ethembelini’

KUBHUNTSHE inkonzo yokubusisa ithempeli ebihlelwe ngamaNazaretha aseKuphakameni, aholwa yiNkosi uVukile “iNcoyincoyi” Shembe, ngenxa yombango wendawo ophakathi kwalolu hlangothi nolwaseBuhleni, oluholwa yiNkosi uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe.  Le nkonzo obekumele ibe...

Kutholwe isidumbu solimale ‘eqhumisa imoto yemali’

Kutholwe isidumbu solimale ‘eqhumisa imoto yemali’

KUTHOLAKALE imoto nesidumbu somsolwa oyanyansiwa nesigameko sokubanjwa kwemoto yemali esigamekweni esenzeke edolobheni laseKranskorp izolo ngoMsombuluko.  Ngokombiko wamaphoyisa, le sidumbu sitholakale namuhla emgwaqweni oowubhuqu obheke eNkandla,  eduze komfula...

Ukhuthaza eyokuhlonipha abagibeli ohlabane ngowomshayeli ovelele

Ukhuthaza eyokuhlonipha abagibeli ohlabane ngowomshayeli ovelele

KUSUKELA kwesobunxele nguMnu Lindani Shandu, olale isibili, nguMnu Bongani Malimela onqobe umklomelo wokuba ngumshayeli ovelele noMnu Sithembiso Zikalala olale isithathu. AYILOKOTHI itekisi ngoMgqibelo inhlalisuthi enqobe umklomelo wokuba ngumshayeli wetekisi ovelele...