Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ubambo lwakho kuye kungabi ngumuntu omkhethe ngamehlo

Ubambo lwakho kuye kungabi ngumuntu omkhethe ngamehlo

by | 11 September 2025

“UTHANDO lungumdid’ omdala ngoba ludida abadala nabasha ngokufana,” kwazisholo uthisha owayesifundisa isiZulu, eSister Joan’s High School. Sasihleka sizibamba ngoba phela sasingazi ukuthi wenza ihlaya noma cha. Wathi uma ekuphinda lokhu, kwathi ngqoko ikilasi lonke, naye wahleka.

Kwakumnandi ekilasini lakhe ngoba wayengayena lo thisha othanda induku, futhi wayenesineke esingakaze sibonwe ngisho nakulaba bafundi ababethatha isikhathi ukuthola izinto, okwelambu lesiphefu esinentambo emfushane uma uphalafini usuyisiceke.

ULangazane ngimkhunjuzwa yinkomfa yemijolo ebikhona kuleli sonto eledlule. Mina ngiye ngoba ngicabanga ukuthi kuyojolwa, kanti bebeyositshela ukuthi umuntu uthandwa kanjani ngendlela okuyiyo, ukuze imijolo nemishado kungabhidliki. Ngithe uma ngithi ngihamba nowakwami, wangitshela ukuthi yena akawungeni lowo mbhedo, wabuza ukuthi ngabe sengifuna ukujola yini.

Thina-ke esesishade iminyaka eyevile kwewu-20, sazi kahle ukuthi umbuzo onjalo kawuphendulwa, ngoba uzolutheza olunenkume. Phela abantu besifazane bayalususa uchuku kudlalwa, ngakho-ke uma nawe ungathi uphendula ngehlaya, ungathuka uhlangana nezimbila zithutha, ziholwa ngemhlophe phambili.

Ngihambile-ke ngaya emjolweni, sanikwa itiye, amakhekhe noshokoledi, samunyunga kwaba mnandi. Izikhulumi eziqavile bekungabantu abangashadile, ziholwa wumjendevu ongenanhlanhla kwezothando. Lokhu ngikuthole uma abanye ebesinabo bewufaka izinkwesheni. Ngivele ngabona nje ukuthi sikhohliswa ngabantu bamabhuku, besishaya ngezinto ezibhaliwe kodwa bona abangakwazi ukuzisebenzisa kweyabo impilo.

Phela izifundiswa zinjalo; zicabanga ukuthi zingafundisa abantu ngento ezingazi lutho ngayo, kuphela nje uma zonaziyifunde emabhukwini, futhi zathola nezitifiketi. Umjendevu-ke wona, icala ubulibeka laba obuthandana nabo, ukhohlwa wukuthi ubudlelwano obuqotho budinga uthando lweqiniso, hhayi le nto yokuthi umuntu umthanda ngoba enza lokho okufunwa nguwe, sengathi uthandana nomkhovu ozakhele wona.

Inkinga yeningi lemishado ebhidlikayo iqala kungakaqali ngisho nomjolo. Iqala ekukhetheni ngoba iningi labantu liba nohlu lwezinto okumele lona elizomthanda abe nazo, nokumele azenze ukuze athandwe. Lolu hlu luvame ukugcwala izinto ezingabalulekile kakhulu ukusimamisa ubudlelwano noma umshado.

Kuba yizinto ezifana nobude, ibala, umsebenzi, imoto nokunye. Umthole-ke umuntu ogcwalisa lonke uhlu lwakho, kodwa uyisoka lamanyala, akadlulwa siketi. Ube usukhala ngokuthi amadoda ayizinja, kawathembekile njalo njalo, ukhohlwe wukuthi nguwe ozilandele inja izigingqela imigqomo kadoti.

Elinye futhi iphutha elenziwayo, yileli lokuthi wena usulungele umshado, kodwa uthanda le genge esazidlalelayo, ngoba ucabanga ukuthi umuntu uzomshintsha. Empilweni bakhona, futhi baningi asebewulungele umshado njengawe, kodwa kawubafuni ngoba kabalugcwalisi uhlu lwakho olungenangqondo.

Okubalulekile, ngokwami ukubona, wumoya womuntu, wukuphusa kobuchopho nokuzihlonipha. Umuntu ongazihloniphi yena msalofu, ngeke akwazi ukuhlonipha omunye. Umshado udinga abantu abahloniphanayo futhi abafisa ukwakha ikhaya elifudumele, elinokuthula. Uma ushada umuntu onguthathekile, wena ube ungayena, usuke uzishadela nedivosi kusukwa phansi nje, kungakayiwa ndawo.

Kodwa-ke kalikho ibhuku lesikole elifundisa ngomshado, njengoba lingekho nelokukhulisa izingane. Kuthiwa indlela ibuzwa kwabaphambili, hhayi kwabazi imiqulu yamabhuku. Khetha ngengqondo nangenhliziyo uma ufuna umuntu odalelwe wena, ungakhethi ngamehlo. Kuthiwa ikhiwane elihle livame ukuba nezimpethu ngaphakathi.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...