
BEKUMQWASHISA ukungafinyeleli emidlalweni kamabonakude evezwa kwiNetflix, umsakazi woKhozi FM, othi kufezeke iphupho leminyaka. UZimiphi “Zimdollar” Biyela osakaza uhlelo lwansuku zonke oKhozini FM, ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu phakathi kuka-12h00 kuya ku-15h00, uthi nakuba eselingise izindawo eziningi, kodwa bekuyisilonda enhliziyweni yakhe ukuthi ubengakaveli kwiNetflix.
Uphawule ngalokhu njengoba engomunye wabalingisi emdlalweni omusha osematheni kumabonakude, obizwa ngePolygamist.
“Bengibukela nje imidlalo kwiNetflix, ngibona ukuthi izinto zabantu abakhulu zabakhethekile lezi, esingeke sifike kuzona,” esho.
Uthi ushuthe isizini eyodwa elingisa indawo kaNkk Msomi ogane ungqongqoshe (MEC). Utshele ILANGA ukuthi uma iqhubeka isizini yesibili, edingeka, uzolemukela ithuba ngoba bekuvele kusothandweni lwakhe ukuthi ngelinye ilanga avele kwiNetflix.
“Uma belithandile ikhono lami, ngisazoqhubeka, kodwa uma kungesona isigatshana eside kakhulu engizosilingisa ngenxa yokuthi sengimatasa ngezamabhizinisi, angisenaso isikhathi esiningi. Uma kushuthwa, kudingeka isikhathi esiningi, kanti nezinhlelo zami zasemsakazweni zisemini, bese kushayisana nezikhathi okushuthwa ngazo imidlalo kamabonakude,” esho.
UZimdollar uselingisile emidlalweni okubalwa kuyona iHostela, uZalo, iDurban Gen nakuMkhokha. Lo mdlalo omusha usematheni ngabalingisi okubalwa kubona uSdumo Mtshali, olingisa indawo kaJonas Gomora, noGugu Gumede odlala indawo kaNkk Joyce Gomora.
Uthe ukukhula kwakhe kwezamabhizinisi, kungezinye zezinto ezenza ukuba ahoxe kokuningi kwekhono lakhe. Uthi ekupheleni kwenyanga ezayo uzobe evula igatsha lika-20 lenkampani yakhe yezitolo zamakhambi esintu, iKwaMakhulu UKM Organics.
“Abantu bayawathanda kakhulu amakhambi emikhiqizo engiyidayisayo ezitolo zami. Manje-ke akumele ngiqhele eduzane nezitolo ukuze ngibachazele kahle, futhi basizakale,” esho.
Uthe ngenyanga ezayo uyovula amagatsha amabili eMpumalanga, endaweni yaseMkhondo naseMalahleni.







