Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ukhihle isilo egwetshwa kwelokuthela isoka nge-acid

Ukhihle isilo egwetshwa kwelokuthela isoka nge-acid

by | 8 November 2024

SKHOSIPHI MTHEMBU

KUHLWE emini ngoLwesithathu kowesifazane – wakhihla isililo – ngesikhathi iNkantolo yesiFunda yaseVerulam, imlahla ngamacala okuchathisa isoka lakhe nge-acid futhi walibhunyela ngayo ebusweni. ULethiwe Mthimkhulu ulahlwe yicala lokuzama ukubulala uMnu Phakamani Sibiya waseMagwaveni, oThongathi (osesithombeni), nelokweba. 

Inkantolo imlahla ngecala nje, ushaye ungqimphothwe wavuma konke okwakushiwo nguSibiya ngesikhathi ethula ubufakazi enkantolo bokuthi wambhunyela nge-acid. Lesi sigameko senzeka mhla ka-13 kuMbasa (April) 2022. ULethiwe wakwenza lokhu ehlangene nowesilisa ongakaboshwa. 

ILANGA libike kabanzi ngalolu daba, lapho okwavela ukuthi uSibiya noLethiwe babethandana. Ethula ubufakazi uSibiya, waveza ukuthi ngosuku lwesigameko, uLethiwe wamvakashela endlini yakhe, wafika ephethe i-acid ethi isiwasho sokuchatha, wachatha ngayo, yamshisa esiswini. 

Wathi emuva kwalokho uLethiwe wafonela owesilisa oshayela izimoto ezikhokhelwa ngebanga ukuba amphuthumise emtholampilo. Bahamba naye uLethiwe kanti bayothatha owesilisa okuthiwa nguJobe (igama lakhe elingatholakalanga). Abamyisanga emtholampilo, baya naye ngasesikhumulweni sezindiza, (iKing Shaka). Wathi bajika babuyela endlini yakhe, uLethiwe noJobe bafike bamcindezela phansi, bezama ukumphuzisa i-acid kodwa waphunyuka, wagwaza uJobe emlenzeni.

Wathi yingaleso sikhathi uLethiwe wathola ithuba lokumbhunyela nge-acid emzimbeni. Ngesikhathi liqulwa icala, uLethiwe ubeliphika, ethi uSibiya wayemhlukumeza. Uthe ngosuku lwesigameko, uSibiya wamjikijela ngebhodlela elaline-acid, la-shisa izingubo zakhe, wabe eseliphindisela kuyena, washa ngaleyo ndlela. 

NgoLwesithathu enkantolo, ukujikile lokho, wathi uyavumelana nobufakazi obethulwe nguSibiya. Umshushisi, uMnu Ntuthuko Mngadi, ubuze ukuthi kungani esevuma, uthe sebe-xoxile noSibiya, baxolelana. Umshushisi uthe uLethiwe ukwenze lokhu ngoba ese-bona ukuthi kunobufakazi obuqinile obu-bhekene naye. 

IMantshi, uMnu Sanele Hlatshwayo, ithe umbuso uveze ubufakazi obubambekayo bokuthi uLethiwe wazama ukubulala uSibiya. Ibe isimlahla ngecala lokuzama ukubulala nelokweba njengoba ngosuku lwesigameko wathatha umakhalekhukhwini kaSibiya, ongakatholakali namanje. 

Ummeli kaLethiwe ufake isicelo sokuba ikilayenti lakhe lihlangane nosonhlalakahle njengoba kunezingxoxo zokuxolelana phakathi kwalo noSibiya, ku-bhekwe nezingane zakhe ukuthi kuzokwe-nzekani ngazo uma esegwetshwa. Ucele ukuba alulelwe ibheyili kusali-ndwe lowo mbiko. 

Ekhuluma neLANGA uSibiya, uthe kungamanga aluhlaza ukuthi baxolelene, wathi ufisa inkantolo ikhiphe isigwebo esiqinile. 

Icala lihlehliselwe uZibandlela (Dece-mber) ukuba kuyophuma isigwebo. ULethiwe unikwe ibheyili ka-R3 000. skhom@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...