Ilanga News
Home 9 Featured 9 UMasipala waseMpofana namatayitela omphakathi

UMasipala waseMpofana namatayitela omphakathi

by | 8 February 2025

IMEYA yakwaMasipala waseMpofana uNkk Maureen Magubane unxusa umphakathi waseBruntville owasala ngaphandle ngesikhathi kukhishwa amatayitela ukuthi usungakwazi ukuzowalanda emahhovisi alo masipala.

Utshele ILANGA ukuthi ngesikhathi uMnu Jomo Sibiya esanguNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu Natal wakhipha amatayitela kulo mphakathi kwase kusala abanye ngenxa yokuti eyangakalungi.

Uthe la malungu omphakathi asengakwazi ukufika emahhovisi kaMasipala ukuzowalanda amatayitela wabo.

“Njengohulumeni siyakholelwa ukuthi ukuba netayitela kuyilungelo lakhe yingakho kwaqala lolu hlelo lokukhishwa kwamatayitela ikakhulukazi kula malokishi ayeqale ngesikhathi sikahulumeni wobandlululo,” kusho uNkk Magubane oveze ukuthi njengoba kuqala unyaka kuningi abamatasa ngakho ukuqinisekisa ukuthi intsha eyenze kahle kumatikuletsheni ithola usizoolufanele ukuqhuba izifundo zabo. “

Nakuba siwumasipala oshoda ngenkece kodwa siyazama singamakhansela ukuhlanganisa siphinde sifune nabaxhasi ukuze labo abenze kahle futhi asebethathiwe ezikhungweni sikwazi ukubasiza noma ngemali yokugibela noma eyokubhalisa,” kusho uNkk Magubane.

Uveze ukuthi kulabo abangakwazanga ukungena ezikhungweni zemfundo ephakame banazo izinhlelo zoqeqeshozama-learnership ikakhulukazi emkhakheni wosonkontileka.

“Kulezi zinhlelo zama-learnerships sizenza ngokubambisana noMnyango wezokuThutha esifundazweni,” kusho imeya. UNkk Magubane uveze ukuthi siyaqhubeka isigaba sesibili sokufakwa kompompi emakhaya kuwadi 4.

Uthe kuyabajabulisa ukuthi lolu hlelo luyaqhubeka futhi kungekudala umphakathi wakule wadi uzobe usukwazi ukuthola amanzi emakhaya.

Ukuvezile ukuthi zikhona izingqinamba zezimali kulo masipala awuholayo kodwa bayaqinisekisa ukuthi umphakathi uyakwazi ukuhlomula ngezinhlelo abanazo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...