Ilanga News
Home 9 Featured 9 UMasipala waseMpofana namatayitela omphakathi

UMasipala waseMpofana namatayitela omphakathi

by | 8 February 2025

IMEYA yakwaMasipala waseMpofana uNkk Maureen Magubane unxusa umphakathi waseBruntville owasala ngaphandle ngesikhathi kukhishwa amatayitela ukuthi usungakwazi ukuzowalanda emahhovisi alo masipala.

Utshele ILANGA ukuthi ngesikhathi uMnu Jomo Sibiya esanguNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu Natal wakhipha amatayitela kulo mphakathi kwase kusala abanye ngenxa yokuti eyangakalungi.

Uthe la malungu omphakathi asengakwazi ukufika emahhovisi kaMasipala ukuzowalanda amatayitela wabo.

“Njengohulumeni siyakholelwa ukuthi ukuba netayitela kuyilungelo lakhe yingakho kwaqala lolu hlelo lokukhishwa kwamatayitela ikakhulukazi kula malokishi ayeqale ngesikhathi sikahulumeni wobandlululo,” kusho uNkk Magubane oveze ukuthi njengoba kuqala unyaka kuningi abamatasa ngakho ukuqinisekisa ukuthi intsha eyenze kahle kumatikuletsheni ithola usizoolufanele ukuqhuba izifundo zabo. “

Nakuba siwumasipala oshoda ngenkece kodwa siyazama singamakhansela ukuhlanganisa siphinde sifune nabaxhasi ukuze labo abenze kahle futhi asebethathiwe ezikhungweni sikwazi ukubasiza noma ngemali yokugibela noma eyokubhalisa,” kusho uNkk Magubane.

Uveze ukuthi kulabo abangakwazanga ukungena ezikhungweni zemfundo ephakame banazo izinhlelo zoqeqeshozama-learnership ikakhulukazi emkhakheni wosonkontileka.

“Kulezi zinhlelo zama-learnerships sizenza ngokubambisana noMnyango wezokuThutha esifundazweni,” kusho imeya. UNkk Magubane uveze ukuthi siyaqhubeka isigaba sesibili sokufakwa kompompi emakhaya kuwadi 4.

Uthe kuyabajabulisa ukuthi lolu hlelo luyaqhubeka futhi kungekudala umphakathi wakule wadi uzobe usukwazi ukuthola amanzi emakhaya.

Ukuvezile ukuthi zikhona izingqinamba zezimali kulo masipala awuholayo kodwa bayaqinisekisa ukuthi umphakathi uyakwazi ukuhlomula ngezinhlelo abanazo.

Ezisematheni

‘Umalume’ uvulelwe icala lokushaya umfundi (10) ngezimpama

‘Umalume’ uvulelwe icala lokushaya umfundi (10) ngezimpama

USEVULELWE icala umshayeli wetekisi elithutha izingane zesikole, okubikwa ukuthi ushaye ngezimpama ephindelela ingane eneminyaka ewu-10, efunda eSiphingo Hills, eThekwini.UNkk Zanele Ngidi wase-Adams Mission, ongunina walo mfanyana oshayiwe, uthi okumphatha kabuhlungu...

Owe-Ink Kasi Xperience nesicelo kuMasipala weTheku

Owe-Ink Kasi Xperience nesicelo kuMasipala weTheku

NGUMNU Philani "Splash" Ngwenya, ohlela umcimbi waminyaka yonke, i-Ink Kasi Xperience, ozokuba ngomhla ka-15 kuDisemba ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. BABAMBE umoya abahleli bemicimbi emikhulu yamaholide kaDisemba, ngesicelo abasifake kuMasipala weTheku, sokuthi...

ISars seyinqumile ngendali yezimpahla zikaMaMkhize

ISars seyinqumile ngendali yezimpahla zikaMaMkhize

ULOKHU eqhubeke njalo nemizamo yokuqoqa imali ecela ku-R40 million, ayikweletwa yisiqumama saseThekwini, uShauwn "MaMkhize" Mkhize, umthelisi waseNingizimu Afrika, iSouth African Revenue Service (Sars). Lokhu kuza ngemuva kokuba iSars, ifake isaziso sokuthengiswa...