
IBOSHELWE namazwe angenamlando otheni ebholeni lomhlaba iBafana Bafana eqoqweni likaGroup A emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba yeFifa ozokuba ngonyaka ozayo e-USA, eCanada, naseMexico.
IBafana izovula neMexico eyadlala nayo ngokulingana 1-1 ngo-2010 kwiNdebe yoMhlaba eyayibanjelwe kuleli. Amanye amazwe aseqoqweni elilodwa nelakuleli yiKorea Republic nozonqoba emidlalweni yokuhlunga ephakathi kwamaqembu ase-EUROPE; iDenmark, iNorth Macedonia, iCzech Republic neRepublic of Ireland.
Kungokokuqala ezikaHugo Broos ziba yingxenye yalo mqhudelwano njengoba zagcina ukuwugijima ngo-2010, lapho zangena kuwona ngethikithi lokuba ngosokhaya.







