Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kugingqike ibhasi ebeliya emgubhweni weNkatha oLundi

Kugingqike ibhasi ebeliya emgubhweni weNkatha oLundi

by | 23 March 2025

KUBIKWA ukuthi kulimale kabi amalungu amane eNkatha Freedom Party (IFP) ngesikhathi ibhasi abebhamba ngalo livelelwa yingozi eMgwaqweni uR34 eLakeside, eduze kwaseVryheid, namuhla ngeSonto ekuseni.

Kubikwa ukuthi leli bhasi belilibangise oLundi lapho leli qembu linomcimbi wokugubha iminyaka ewu-50 lasungulwa.


EKhuluma neSABC, uMnu Mkhuleko Hlengwa, okulumela i-IFP kuzwelonke, uthe ngokombiko abawutholile, akekho umuntu obesashonile kule Ngozi. Uthe bane abantu abalimale kanzima, baphuthunyiswa esibhedlela.

Abezimo eziphuthumayo bebesesendaweni yesigameko.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...