
KUBIKWA ukuthi kulimale kabi amalungu amane eNkatha Freedom Party (IFP) ngesikhathi ibhasi abebhamba ngalo livelelwa yingozi eMgwaqweni uR34 eLakeside, eduze kwaseVryheid, namuhla ngeSonto ekuseni.
Kubikwa ukuthi leli bhasi belilibangise oLundi lapho leli qembu linomcimbi wokugubha iminyaka ewu-50 lasungulwa.
EKhuluma neSABC, uMnu Mkhuleko Hlengwa, okulumela i-IFP kuzwelonke, uthe ngokombiko abawutholile, akekho umuntu obesashonile kule Ngozi. Uthe bane abantu abalimale kanzima, baphuthunyiswa esibhedlela.
Abezimo eziphuthumayo bebesesendaweni yesigameko.
