
UZOGWETSHWA ngesonto elizayo “umalugaju” waseRichards Bay, olahlwe ngamacala awu-17, okudlwengula nokubulala. USanele Thuba Dube, ubevele eNkantolo yesiFunda eRichards Bay, ngoLwesibili, lapho ebeyozincengela khona isigwebo esincishisiwe emuva kokulahlwa kwakhe yila macala abaliwe.
Ngokwamaphepha aseNkantolo, uDube wagila le mikhuba ngo-2016 kuya ku-2020, phakathi kwezindawo iMandeni neRichards Bay. Kuvela ukuthi izisulu wayezicuthela noma azingenele ezi- ndlini. Phakathi kwamacala amlahlile, yilelo elaba wundabamlonyeni elenzeka kwaHlomendlini, eMandeni ngo-2016, lapho okwabulawa khona umfundi waseTugela Secondary, uNandipha Mbatha (13).
UNandipha wayengumfundi wakwa-grade 8, owanyamalala eya esikoleni, kwatholakala isidumbu sakhe esikhotheni sigwaziwe, sakhishwa amehlo, savalwa umlomo ngethawula, ngemuva kwezinsuku ezintathu enyamalele.
NgoLwesibili, umbuso ukuchithile ukuthi uDube ancishiselwe isigwebo. Uhlinzeke inkantolo ngezitatimende zomonakalo owenzeke ezisulwini nasemindenini yazo. Ezinye zezisulu zitshele inkantolo ukuthi uDube wazithelela ngesifo iHIV, ngesikhathi ezidlwengula.
Ezitatimendeni eziwu-11 kweziwu-23, ezifundwe enkantolo, bekungesomndeni kaNandipha, esibhalwe ngunina uNkk Nontsikelelo Manqele, nomfowabo, uMnu Ayanda Mbatha, okunguye owathola isidumbu. UNkk Manqele utshele inkantolo ukuthi kusuka ngo-2016, impilo yakhe kayiphindanga yafana. Uthi kwesinye isikhathi uze acabange ukuthi kungcono ukube umbulali wendodakazi yakhe, wabulala yena.
“Kangilimalanga enyameni, kodwa ngalimala ngaphakathi. Zonke izinsuku ngihlezi ngifikelwa yisithombe sendodakazi yami seyibulewe. Amanxeba okugwazwa ayekuyo, ikakhulukazi ethangeni langakwesobunxele ngiwabona enjengoba enjalo. Emzimbeni yayigcwele imihuzuko kubonakala ukuthi beyidonsiswa okwenja.
“Lokhu kuwulimaza kakhulu umoya wami, kangangokuba ngesinye isikhathi ngiyaye ngingeniswe esibhedlela ngiqulekile, lokhu sekwenzeke izikhawu eziningi,” esho.
Eqhuba, uthi ukholwa wukuthi ukube amaphoyisa alusukumela ngesikhathi lolu daba, mhlawumbe kukhona okwakungenzeka. Utshele inkantolo ukuthi ngesikhathi eyobika amaphoyisa amxosha, athi kungenzeka ukuthi ingane yakhe ivakashele isoka layo.
U-Ayanda owayeneminyaka ewu-17 ngaleso sikhathi, utshele inkantolo ukuthi ngesikhathi kwenzeka lokhu, wayenza unyaka wokuqala esikhungweni semfundo ephakeme iDUT. Uthi kwathi uma kuphela izinsuku ezimbili udadewabo engatholakali, waqoka ukucela esikoleni ukuze akwazi ukuyomthungatha.
“Ngosuku engafika ngalo, kangilalanga ngicabanga. Ngavuka ngakusasa ngathatha umngani wami, sahamba
ngendlela esasiyisebenzisa ngesikhathi sisafunda. Sathi uma sehla, ngajikela kwesobunxele ngendlela engena esikhotheni, ngazithela phezu kwesicathulo sakhe sesikole. Ngabiza umngani wami, sathi uma siqhubeka, sazithela phezu kwesidumbu,” esho.
Esinye sezisulu ezadlwengulwa nguDube, siveze ukuthi kasikaze salapheka ngemuva kwesigameko. Sitshele inkantolo ukuthi sasizitshela ukuthi uDube uzosibulala.
“Eseqedile ukungidlwengula, wabuka ingane yami eyayilele embhedeni, wangibuza ukuthi ingane ngekabani, ngathi ngeyami, wathi sengiyosindela ukuthi isencane, ngabe uyangibulala. Sengibuya esibhedlela ngathola ukuthi sengi-HIV+, engicabanga ukuthi ngayithatha kuyena ngoba ngangingekho ebudlelwaneni bezothando ngaleso sikhathi.
“Okwaba buhlungu wukuthi akekho owayengikholwa, lokhu kwaholela ekutheni ngingabe ngisaphindela esikoleni, ngoba ngangizibona ngiyihlaya. Kangikutholanga ukwelulekwa okufanele, ngisenentukuthelo, futhi nemicabango isabu- ya injengoba injalo,” kusho isisulu.
Esinye sezisulu sitshele inkantolo ukuthi salahlekelwa wubuntombi baso ngesikhathi sidlwengulwa nguDube.







