Ilanga News
Home 9 Featured 9 UKhuzani uthi wayelinde kugcagcelwe inkosi kuqala

UKhuzani uthi wayelinde kugcagcelwe inkosi kuqala

by | 1 October 2025

yiNkosi uZakhe Mpungose, nguNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli, nomdidiyeli wamabutho, uMnu Sipho Mhlongo.
IZITHOMBE NGU: ZAMANI MATHE

UBELINDE kudlule umgcagco wenkosi yesizwe sakubo ngaphambi kokuganwa umculi kamaskandi uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose, ezizowushaya kuyena mhla ka-15 kuZibandlela (December) kulo nyaka. 

Uveze lokhu ephawula ngomgcagco wenkosi yakubo, iNkosi uZakhe Mpungose, ngoMgqibelo endaweni yaKwaZikhali, eNkandla. UKhuzani uthe wamemezela usuku lomgcagco wakhe ngoba umndeni wase uluhlonzile olomgcagco wenkosi, nakuba lwalungakamenyezelwa emphakathini.

“Njengoba inkosi isigcagcelwe, sekuzolandela mina,” esho. 

Iphawula ngomgcagco wayo inkosi, ithe njengamanje isemkhankasweni wokugqugquzela isizwe ukuba sikhuthalele ukushada nokushadelwa.

“Uma ngibona amabutho egcwele umuzi kababa ngenxa yokuthi aseka ubukhosi bakithi, kuyangijabulisa kakhulu,” kusho inkosi.

Emgcagcweni bekuhlatshwe izinkomo eziwu-30, kanti amabutho ezizwe zamakhosi abelandwe ngamabhasi. Phakathi kwamakhosi amadala ebukhosini, kubalwa iNkosi uBhekizwe Biyela yaseMahlayizeni, eNkandla. Lo mgagco ubuhanjelwe nguNdunankulu wesifundazwe uMnu Thami Ntuli noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi. 

Ngakolunye uhlangothi uNdlunkulu weNkosi, uNkk Thabisile uMaGoqo Biyela, uthe uphelelwe amazwi okubonga.

Inkosi ithe isazothatha inkosikazi  yesibili uma amandla evuma, ngoba iyasithanda isithembu. Ibuzwa ngokuthi ibona kanjani ngomthetho omusha oshaywe wuhulumeni wokuthi amadoda uma eshadelwa, angashintsha izibongo zawo abize ezomakoti, ithe kayihambisani nalokho.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...