Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Bangaphezulu kuka-22000 abantu bangaphandle abagqunywe emajele aseNingizimu Afrika

Bangaphezulu kuka-22000 abantu bangaphandle abagqunywe emajele aseNingizimu Afrika

by | 23 January 2025

KUBIKWA ukuthi bangaphezulu kuka-22 000 abantu bangaphandle abagqunywe emajele aseNingizimu Afrika, kanti abawu-690 babo badonsa odilikajele.

Ngokusho kukaNkz Anthea Ramaboleng, ongusihlalo wekomidi elibhekelele ezokuhlunyeleliswa kwezimilo ePhalamende, agcwele ayachichima amajele akuleli njengoba eneziboshwa eziwu-156 000, ekubeni imibhede iwu-105 474.

UMnyango wezokuHlunyeleliswa kwesiMilo uchitha u-R500 ngosuku ukugcina isiboshwa sisinye.

Kubikwa ukuthi kwamanye amajele, ziningi kakhulu iziboshwa ezivela ngaphandle ukwedlula ezakuleli.

Lokhu kusho ukuthi abakhokhintela bakhokha u-R11.3 million ngosuku ukugcina nokubhekelela abantu bangaphandle (22 000) ababoshwe emajele akuleli. Le mali ilinganiselwa ku-R4 billion ongonyaka.

Ezisematheni

Umfundi kaMatric obekhulelwe uzidubule wafa egcekeni kubo

Umfundi kaMatric obekhulelwe uzidubule wafa egcekeni kubo

UZIBULALE ngokuzidubula ngesibhamu umfundi (16), kamatikuletsheni, obanjwe nguyise ukuthi ukhulelwe. Kubikwa ukuthi uNkz Sisanda Zulu (16), wakwaL, Olundi, obefunda eGqokamandla High School, uzibulale ngemuva kokuba engafunanga ukuphumela obala ngokukhulelwa kwakhe....

UShinga ulahlwe ngamacala okwephula umyalelo weNFP

UShinga ulahlwe ngamacala okwephula umyalelo weNFP

NGUNKZ Mbalu Shinga onguSihlalo weNFP KwaZulu-Natal noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni. AMLAHLE wonke amacala abethweswe wona uSihlalo weNFP ophinde abe nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kwaZulu-Natal, uNkz Mbali Shinga, owanqaba...