Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Bangaphezulu kuka-22000 abantu bangaphandle abagqunywe emajele aseNingizimu Afrika

Bangaphezulu kuka-22000 abantu bangaphandle abagqunywe emajele aseNingizimu Afrika

by | 23 January 2025

KUBIKWA ukuthi bangaphezulu kuka-22 000 abantu bangaphandle abagqunywe emajele aseNingizimu Afrika, kanti abawu-690 babo badonsa odilikajele.

Ngokusho kukaNkz Anthea Ramaboleng, ongusihlalo wekomidi elibhekelele ezokuhlunyeleliswa kwezimilo ePhalamende, agcwele ayachichima amajele akuleli njengoba eneziboshwa eziwu-156 000, ekubeni imibhede iwu-105 474.

UMnyango wezokuHlunyeleliswa kwesiMilo uchitha u-R500 ngosuku ukugcina isiboshwa sisinye.

Kubikwa ukuthi kwamanye amajele, ziningi kakhulu iziboshwa ezivela ngaphandle ukwedlula ezakuleli.

Lokhu kusho ukuthi abakhokhintela bakhokha u-R11.3 million ngosuku ukugcina nokubhekelela abantu bangaphandle (22 000) ababoshwe emajele akuleli. Le mali ilinganiselwa ku-R4 billion ongonyaka.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...