KUPHOQELEKE ukuthi inkantolo imise ukuqhubeka nokuqula icala lenkohlakalo elibhekene nowayenguNgqongqoshe wezokuVikela eNingizimu Afrika, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula evukwa ukugula ngesikhathi ephekwe ngemibuzo eNkantolo eNkulu yaseGauteng ngoLwesithathu.

UMapisa-Nqakula ubhekene namacala angu-12 enkohlakalo nelilodwa lokushushumbisa imali. Usolwa ngokumukela imali engu-R4.5 million yentshontsho, inkantolo eveze ukuthi kuyona kukhona no-R2.1 million owakhokhwa ngesandla nguNombasa Ntsondwa-Ndhlovu. UNtsondwa-Ndhlovu ungomunye wababethole ithenda yakwaSouth African National Defence Force phakathi kuka-2016 no-2019. Kuthiwa le mali wayiletha ngesandla kodwa uMapisa-Nqakula uyakuphika lokhu.
Efakaza enkantolo uMapisa-Nqakula uchithe ngisho nokuthi kunendlela ayekhuluma ngayo noNtsondwa-Ndhlovu eyayifakazela ukuthi bangabangani abakhulu neyenza inkulumo yabo iqondwe yibona bobabili kuphela.
Ngaphambi kokuba kuqale leli cala, uMapisa-Nqakula uke wazama ukufaka isicelo sokuthi inkantolo ilichithe angangeni ngisho nasebhokisini ukuzofakaza ngalezi zinsolo ezibhekiswe kuyena.
Inkantolo isichithile lesi sicelo sakhe ithi inobufakazi obuqinile futhi kukhona okumele aphendule kukhona. Ngesikhathi eqala ukuthweswa lama cala uNkk Mapisa-Nqakula ngo-2024 wasula ekubeni nguSomlomo wePhalamende wazinikela emaphoyiseni. Ukuzinikela kwakhe kwalandela ukuchithwa kwesicelo sakhe







