Ilanga News
Home 9 Imibono 9 Uhulumeni mawuphuthume ngezinguquko emfundweni ukucija intsha

Uhulumeni mawuphuthume ngezinguquko emfundweni ukucija intsha

by | 20 August 2025

NGUNGQONGQOSHE wezeMfundo ePhakeme, uMnu Buti Manamela.

NOMA kumangaza ukuthi uhulumeni ubulindeni yonke le minyaka, ungazenzi izinguquko emfundweni yakuleli, siyasamukela isimemezelo sakamuva sikaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uMnu Buti Manamela, sokuthi kuzokwenziwa izinguquko ezinqala kwezemfundo ephakeme, ukuze ihambisane nesikhathi esiphila kusona manje.

Ekhuluma esigcawini sabezindaba ngeledlule, uManamela uthe uhlelo lwezemfundo nokuqeqeshwa lunhlakanhlaka (fragmented), futhi lunokungalingani. Ubalule nokuthi amakhono amaningi afundiswayo ezikhungweni zemfundo kuleli, akuwona adingekayo emnothweni wezwe. Yilesi sizathu esidala ukuba intsha ingaqasheki.

Ungqongqoshe uthe muva nje, umnyango wakhe uxhumane nezinhlaka ezahlukene, okubalwa kuzo izitshudeni, abafundisa ezikhungweni zemfundo ephakeme, abaphathi bezikhungo zemfundo ephakeme, yizinhlaka zezisebenzi, ngabamabhizinisi, nomphakathi, kwacaca ukuthi kunesidingo sokuba kwenziwe izinguquko ezinqala emfundweni yakuleli.

UManamela ukhuluma kanjena nje, kunezinkulungwane zentsha eyikazela imiyezane yemfundo ephakeme, kodwa esihlale emakhaya iminyaka eminingi, ingasebenzi, ngoba iziqu eyazifundela akuzona lezo ezidingwa ngabaqashi nomnotho wezwe.

Kade kwacaca ukuthi uhulumeni, minyaka yonke, utshala izishaqane zemali emfundweni yakuleli, kodwa imiphumela emihle kayibonakali ngoba intsha esiziphothulile izifundo zayo iduve emakhaya, uhulumeni ubulokhu uqhubekile nalokhu, ungenzi izinguquko emfundweni ukuze ihambisane nokushintsha kwezinto emnothweni wezwe, nezidingo zabaqashi.

Sethemba ukuthi uManamela akazukugxila nje kuphela emfundweni yasezikhungweni zemfundo ephakeme, kepha uguquko luzoqala emazingeni aphansi emfundo, kwakhiwe isisekelo esiqinile kusukela ezikoleni zojahidada, kuzomele abambisane nongqongqoshe owengamele imfundo yezikole, ukuze kwakhiwe isisekelo esiqinile, kusukela emazingeni aphansi emfundo.

Akudingi nokuthi kuze kubanjwe imihlangano, kubhalwe imiqingo yezincwadi ngokufanele kwenziwe, ngoba izibonelo ezinhle ngesingakwenza ukuguqula imfundo yethu zigcwele emazweni athuthukile afana noGermany, China, South Korea, Japan namanye amaningi. Nakhona la komakhelwane bethu njengaseMozambique, singacosha lukhulu, ikakhulukazi ngabakwenzayo ukuqhakambisa imfundo yomsebenzi wezandla.

Okuphawulekayo ngala mazwe aphumelelayo nathuthukile, wukuthi ayayazisa imfundo yamakhono, okuyinto esabukelwa phansi ngabaningi kuleli, njengoba kwaziswa kakhulu imfundo yasemanyuvesi. Kumele kushintshe lokhu; ubufakazi bale minyaka edlule bukhomba ukuthi ezinye zeziqu ezitholakala emanyuvesi ethu kaziyisizi ngalutho intsha yethu, ngakho kumele kwenziwe izinguquko ezinqala ukuqinisekisa ukuthi imfundo yethu icija izingane zethu ukuze zikwazi ukubhekana nezinselelo zomnotho esikhathini samanje.

Sethemba ukuthi uManamela nohulumeni wonkana, bazophuthuma, benze lezi zinguquko ezihlongozwayo, singalindi umnyama ongenafu. Iqiniso wukuthi uma lezi zinguquko zingenziwa, ikusasa lezingane zethu, nelezwe imbala, limnyama.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...