Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuhlehle ukulalelwa kwesicelo sebheyili sikathishanhloko kugula umshushisi

Kuhlehle ukulalelwa kwesicelo sebheyili sikathishanhloko kugula umshushisi

by | 12 August 2025

NGUMNU Khayelihle Dhlomo obhekene necala lokubulala umkakhe.


UKUGULA komshushisi kubambezele ukulalelwa kwesicelo sebheyili sikathishanhloko osolwa ngokugwaza abulale umkakhe, esigamekweni esenzeka emzini wabo oseMalvern, eThekwini, ngo2022.

UMnu Khayelihle Dhlomo bekulindeleke ukuba afake isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ecaleni lokubulawa kukaNkk Khanyisile Dhlomo, kodwa kwangenzeka ngenxa yokuthi umshushisi wecala uMnu Calvin Govender, azise inkantolo ukuthi uthathe ikhefu lokugula.

Umshushisi obebambile, uMnu King Ncemane, utshele inkantolo ukuthi ngeke akwazi ukuqhubeka nalesi sicelo njengoba engenalo idokodo lecala, waphakamisa ukuthi icala lihlehlele uLwesibili oluzayo.

Ummeli kamsolwa uMnu Sicelo Zungu akasiphikisanga lesi siphakamiso, wanxenxa inkantolo ukuthi icala lihlehle okokugcina ngoba ikilayenti lakhe selihlale isikhathi eside esitokisini.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, kubikwa ukuthi umsolwa waveza ukuthi umufi uzibulele kodwa uphenyo lwakamuva luveze ukuthi yena (umsolwa) unesandla ekufeni kukankosikazi wakhe, okuholele ekuboshweni kwakhe.

Ezisematheni

Bakhale kuSihlalo we-IFP waseKZN ekhankasela ukhetho

Bakhale kuSihlalo we-IFP waseKZN ekhankasela ukhetho

ABADAYISA emgaqweni eMgungundlovu, bathole ithuba lokuzikhalela kuSihlalo we-IFP, uMnu Thamsanqa Ntuli ngezinkinga ababhekene nazo zokuswela izindawo zokudayisa nokuvinjwa ngabokufika eNingizimu Afrika abathi sebethathe zonke izindawo kuleli dolobha. Lokhu bakuveze...

Inkosi yamaNyuswa ifake isigxivizo kogaqele esobukhansela

Inkosi yamaNyuswa ifake isigxivizo kogaqele esobukhansela

Ogaqele isikhundla sobukhansela kwaNyuswa ngaphansi kwesiFunda saseThekwini wemukelwe ngenhlokomo ubuholi bendabuko ngesikhathi ezokwethulwa ubuholi emphakathini. UMnuz Siphiwe Bulose ubezokwethulwa ngoLwesihlanu njengefolosi le-ANC kuward 2 emcimbini wezinduna...

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

AKHULUME ngazwi linye, avumelana ngokuziphatha kahle amaqembu ezepolitiki akhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya olungomhla ka-4 kuLwezi (November). Bekunomcimbi wokusayinwa kwesivumelwano sokuziphatha nokuzibophezela, e-Olive Convention Centre, eThekwini,...