Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuhlehle ukulalelwa kwesicelo sebheyili sikathishanhloko kugula umshushisi

Kuhlehle ukulalelwa kwesicelo sebheyili sikathishanhloko kugula umshushisi

by | 12 August 2025

NGUMNU Khayelihle Dhlomo obhekene necala lokubulala umkakhe.


UKUGULA komshushisi kubambezele ukulalelwa kwesicelo sebheyili sikathishanhloko osolwa ngokugwaza abulale umkakhe, esigamekweni esenzeka emzini wabo oseMalvern, eThekwini, ngo2022.

UMnu Khayelihle Dhlomo bekulindeleke ukuba afake isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ecaleni lokubulawa kukaNkk Khanyisile Dhlomo, kodwa kwangenzeka ngenxa yokuthi umshushisi wecala uMnu Calvin Govender, azise inkantolo ukuthi uthathe ikhefu lokugula.

Umshushisi obebambile, uMnu King Ncemane, utshele inkantolo ukuthi ngeke akwazi ukuqhubeka nalesi sicelo njengoba engenalo idokodo lecala, waphakamisa ukuthi icala lihlehlele uLwesibili oluzayo.

Ummeli kamsolwa uMnu Sicelo Zungu akasiphikisanga lesi siphakamiso, wanxenxa inkantolo ukuthi icala lihlehle okokugcina ngoba ikilayenti lakhe selihlale isikhathi eside esitokisini.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, kubikwa ukuthi umsolwa waveza ukuthi umufi uzibulele kodwa uphenyo lwakamuva luveze ukuthi yena (umsolwa) unesandla ekufeni kukankosikazi wakhe, okuholele ekuboshweni kwakhe.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...