Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umdeni kaMagaqa wamukele isigwebo senkabi

Umdeni kaMagaqa wamukele isigwebo senkabi

by | 7 July 2025

Umndeni kaMnu Sindiso Magaqa uthe uyasamukela isigwebo esigixabezwe umbulali uSibusizo Ncengwa ogwetshwe iNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu ngoMsombuluko.

UMnu Lwazi Magaqa ongumfowabo kaSindiso uthe nakuba lesi sigwebo singeke sisambuyisa kodwa unethemba lokuthi sizoba yisifundo futhi nabanye abathintekayo ababemthumile nabo bajeze ngesenzo sabo.

Uthe njengoba babuhlungu ukuthi ngeke besambona uMagaqa obenguyise wezingane futhi eyindodana kunina.

Ijaji Nontuthuzelo Mlaba ugwebe uNcengwa ngamacala awu-11 ngemuva kokuba ezivumele ngokwakhe ukuba yingxenye yokuhlela nokudutshulwa kubulawe uMagaqa esigamekweni okwaphinde kwalimala nabanye ababili.

Phakathi kwamacala uNcengwa agwetshelwe wona kubalwa elokuhlela ukubulala agixabezwe ngeminyaka ewu-25, elokubulala agwetshwe ewu-25 futhi, amabili okuzama ukubulala wagwetshwa ewu-5 icala ngalinye, awokulimaza impahla athole iminyaka emithathu icala ngalinye, emihlanu yokuphatha isibhamu ngokungemthetho, nonyaka kwelokuphatha izinhlamvu.

Limgweba iJaji liveze ukuthi izigwebo zala macala zizohambisana.

Lokhu kuchaza ukuthi uzogcina ehlala ejele iminyaka ew-25. Ijaji liveze ukuthi amacala uNcengwa abhekene nawo abucayi kakhulu futhi isenzo sakhe sokuba yingxenye yalobu bugebengu sikhombise ukuthi ungumuntu ongenanembeza futhi ongenayo inhlonipho yempilo yomuntu.

Lithe ukuthanda kwakhe imali kwenze wayibukela phansi impilo yomuntu obeyilungu lomndeni futhi eyinsika yekhaya kkanjalo engubaba wezingane.

Lithe isenzo sakhe siphoqa ukuthi agudluzwe emphakathini ngenhloso yokuthi akwazi ukuhlunyeleliswa ngesimilo. IJaji lithe ngesikhathi lifinyelela kulesi sigwebo libheke zonke izinhlangothi nanesimo sakhe uNcengwa sokuthi uneminyaka ewu-37 ubudala, unezingane ezine, uzivumele icala futhi wazibophezela ukusebenzisana nombuso ukufakaza ngabanye abesolwa nabp kuleli cala.

IJaji lithe nakuba uNcengwa ethi uyazisola ngesenzo sakhe futhi waxolisa nasemndenini wakwaMagaqa kodwa ukuzisola akukhona ukukhuluma kunalokho kumele kubonakala ngezenzo.

Ummeli kaNcengwa uMnu Senzo Qwabe uthe bayasamukela isigwebo esigixabezwe inkilayenti lakhe.

Uthe ukuzibophezela kwakhe ukubambisana nombuso uma sekuqulwa icala lalabo abesolwa nabo ikhona kube nomthelela ngoba inhloso bekuwukuthi angagwetshwa udilikajele.

Phambilini ummeli kaNcengwa wayecele ukuthi Ijaji liyibale iminyaka ewu-8 ayesechithile ejele kusukela aboshwa ngo-2018.

Ngakolunye uhlangothi i-ANC eHarry Gwala ithe sihambe kahle isigwebo ngoba sithumela umyalezo nakuba singeke singeke simbuyiso uMagaqa.

“Nalabo abasengaphandle abasacabanga uwenza into embi kanjani.

Ukuqina kwalesi sigwebo siphuma ngemuva kokuba umsolwa ezivumele konke okwenzeka ngaphambi kokuthi kubulawe uMagaqa,” kusho uMnu Zamo Nxumalo oyiPhini loMdidiyeli wesigungu sesikhashana se-ANC eHarry Gwala.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...