Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kukhankaselwe i-ANC kufihlwa uJunda

Kukhankaselwe i-ANC kufihlwa uJunda

by | 12 July 2026

LUKHANKASELWE bhusende ukhetho lohulumeni basekhaya lwangomhla ka-4 kuNovember kophezulu enkonzweni yomngcwabo kaDkt Ntuthuko Mahlaba ebiseSt Matthews Anglican Church eNkande eNquthu ngoMgqibelo.

UDkt Mahlaba obeyilungu lokuqina le-ANC ufihlwe ngomngcwabo osezingeni likahulumeni yesigaba sesibili ebihanjelwe uNdunankulu uMnu Thami Ntuli, uNobhala Jikelele weqembu lakhe uMnu Fikile Mbalula, amalungu esigungu esiphezulu se-ANC, ongqongqoshe bakazwelonke nesifundazwe nezinye izicukuthwane zamazinga ahlukene.

Ezinye zezikhulumi kulo mngcwabo zilikhankasele udede leliqembu elehlelwa ngamavoti ngendlela emangalisayo okhethweni olwedlule lukazwelonke.

UMbalula enkulumweni yakhe uthe kungakuhle ukuthi ukuhlonipha ukudlula kukaDkt Mahlaba umphakathi uphume ngobuningi uyolivotela kulolu khetho oluzayo.

Iningi labaholi namalungu aleli qembu afike edlubhe umfaniswano walo futhi ephethe nama-flag alongo ngesikhathi kuqhubeka le nkonzo.

Ngesikhathi iqhubeka inkonzo abaphathi bohlelo bathwale kanzima ukuzama ukunqanda amalungu aleli qembu abelokhu eqhamuke njalo nezingoa ebezikhombisa ukweseka uDkt Mahlaba obebuye ateketiswe ngesithakazelo sakhe uJunda.

Kubesikhathi lapho amalungu nabaholi baleli qembu begiye bashaya izingoma zomzabalazo beqhakambisa amagalelo kaJunda.

Kule nkonzo uJunda uchazwe njengobezinikele ekusebenzeleni umphakathi.

Unconywe ngohlelo lwakhe lokunikela ngezicathulo ezinganeni ezihlwempu kanjalo nomcimbi wokhisimusi wezalukazi abewenza minyaka yonke futhi ezithengela negilosa.

Abangani bamchaze njengobenesikhathi sabo futhi eqinisekisa ukuthi konke kubahambela kahle empilweni.

Abashana bamchaze njengomalume obehlale ekhona empilweni yabo futhi ebakhathalele.

Bamncome njengomalume obekukhonzile ukuhlanganisa umndeni futhi ebaphatha kahle ngaso sonke isikhathi.

UNtuli uthe isifundazwe silahlekelwe wumholi oqotho ngoJunda obeseqhoqhobele isikhundla sokuba uSihlalo woziHlalo esiShayamthetho saKwaZulu Natal.

Uke waqhoqhabala izikhundla ezahlukene kuhulumeni okubalwa kuzo esokiba iMeya yaseNewcastle, esokuba uNgqongqoshe eminyangweni wezemiSebenzi yoMphakathi kanjalo nowezobuCiko namaSiko nezemiDlalo esifundazweni.

Kwi-ANC uqale ukuhola ezinhlakeni zabafundi eNyuvesi yaKwaZulu Natal Medical School, wadlulela kwe-Youth League khona esifundazweni, waphatha esifundandeni saleli qembu iMbuso Kubheka ngaphambi kokuba uMgqinimafa esifundazweni. Udlule esengxenye yesigungu esihlanganisiwe saleli qembu KwaZulu Natal.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...