Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ubhubhe engozini yemoto umholi weMK Party

Ubhubhe engozini yemoto umholi weMK Party

by | 6 December 2024

THANDOLUHE NGUBO

SIKHULU isililo ngokudlula emhlabeni kowayengunobhala-jikelele weNFP, obeseyihloko yezokuxhumana eqenjini uMkhonto Wesizwe Party (MKP), uMnu Canaan Mdletshe.

UMdletshe udlule emhlabeni ngemuva kubandakanyeka engozini yemoto, izolo ebusuku. Imibiko iveza ukuthi ubebuya ukuyokwenza umsebenzi weqembu lakhe, wokukhankasela ukhetho lokuchibiyela obeluseMtubatuba, ku-ward 16, okuyisikhala esavuleka ngesikhathi kushona ikhansela le-IFP, uMnu Qhina Mkhwanazi, phakathi nonyaka.

Kuthiwa uMdletshe ubeyedwa emotweni ngesikhathi ishayisana neloli KwaHlabisa.

I-MKP KwaZulu-Natal isiqinisekisile isigameko, yethembisa ukukhipha imininingwane egcwele ekuhambeni kwesikhathi.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...