Ilanga News
Home 9 Featured 9 Inkantolo inqume kumiswe ukuboshwa kukaGetsemane

Inkantolo inqume kumiswe ukuboshwa kukaGetsemane

by | 11 September 2026

INKANTOLO eNkulu yaseThekwini isinqume ukuthi kumiswe ukuboshwa kwesikhulu samatekisi, uMnu Siyabonga Thomas Getsemane, njengoba ebephonsele inselelo incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe.

UGetsemane onguSihlalo weNanda Taxi Owners Association ubefake enkantolo isicelo sokuthi angaboshwa emva kokuphuma kwencwadi ebigunyaza ukuboshwa kwakhe, ekhala ngokuthi akulandelwanga imigudu efanele.

IJaji uMnu Mluleki Chithi likhiphe lesi sinqumo ngoLwesihlanu enkantolo, lathi liyavumelana nokuphakanyiswe abameli bakaGetsemane ngokuvumelana namaphoyisa ukuthi kuyobuyekezwa isinqumo sokukhishwa kwale ncwadi.

Enkantolo akuvelanga ukuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ukufaka amaphepha okuthi lolu daba lubuyekezwe kodwa uGetsemane ungokhululekile okwamanje njengoba amaphoyisa engeke esaqhubeka nokumlandela ngenxa yale ncwadi kuze kube kuphothulwa ukubuyekezwa kodaba lwayo.

Incwadi yayikhishwe yinkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, ukuthi kuboshwe lo somabhizinisi kodwa udaba walufaka enkantolo evimba ukuboshwa kwakhe.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...