Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Wukuxhoshwa ngemali okuqhathe uTshatha nabeMpucuzeko

Wukuxhoshwa ngemali okuqhathe uTshatha nabeMpucuzeko

by | 13 February 2026


ULAXAZE phansi umcimbi weMpucuzeko Maskandi Festival, ‘ngenxa yoku-shaywa ngesithende’ uma kwabiwa imali yawo’, umsakazi woKhozi FM, okuthiwa nguyena umphembi wawo, kodwa ubekhala ngengcindezelo.


Ngokuthola kweLANGA ngemi-thombo yalo, ubudlelwano buka-Khathide “Tshatha” Ngobe noMnu Xolani Mcineka, okunguyena ophambili kwiMpucuzeko, bubhi-dlike ngenxa yokuthi uTshatha sekunesikhathi eside engahlomuli ngalo mcimbi.
Kuthiwa uTshatha uzwe ngaba-thile kulo mkhakha wezikaqedisizungu ukuthi kunemali engafinye-leli enkampanini yeMpucuzeko Skills Development and Training, esuke ixhase lo mcimbi, ephelela komunye wabahleli balo mcimbi.


Umthombo uthi uTshatha ukho-njisiwe nobufakazi benkokhelo bokuthi ubuxhaswa umcimbi, wadinwa, wagana unwabu.
“Omunye wabahleli bemicimbi kamaskandi, ukhombise uTshatha ukuthi kunesamba soxhaso lwemali esatholwa nguyena lo mhleli, elekelela iMpucuzeko.
UTshatha kumethusile lokho ngoba ubengakaze atshelwe lutho ngale mali,” kusho umthombo.
Kuthiwa kwenzeka lokhu nje, bekukhona ukukhala kukaTshatha ngokuthi igama lakhe likhishiwe nasohlwini lwabaqo-ndisi benkampani
yeMpucuzeko.


Kuvela ukuthi isizathu sokukhishwa kwalo, utshelwe ukuthi kumele lihoxiswe ngoba yena usebenzela iSABC, okuyinhlangano engaphansi kukahulumeni.
“Bathe kuzogqoza ukutholakala koxhaso uma igama lakhe lisohlwini emaphepheni abaqondisi bale nkampani, kwazise yena usebenzela uhulumeni.
“Kubonakala senga-thi ukukhishwa kwa-khe, kwakuvele kuyitulo lokuba ashaywe ngesi-thende emalini yoxhaso obelutho-lakale kwaLotto,” kusho umtho-mbo.


Abasondelene nalolu daba, bathi emalini enkulu etholakale kulolu xhaso, akazuzanga lutho uTshatha.
Ukuhlubuka kwakhe uTshatha, ukumemezelile ngokusemthethweni ekhasini lakhe lezokuxhumana kwiFacebook, wathi ngeke achaze izizathu.
Kuthiwa usemkhakhankasweni wokukhulisa umcimbi wakhe, iTshatha Music Festival.
Izinsolo zokuqala koqhekeko ziqale ukugqama ngesikhathi uTshatha engabonakali emcimbini weMpucuzeko obungoNcwaba (August) nyakenye.


Kuthiwa uTshatha noMcineka bebehlale betetemuka ndawonye, bevela ezindaweni zokudla eze-hlukene, nasemicimbini eminingi ndawonye.
ILANGA lizame lehluleka ukuthola ukuphawula kukaTshatha noMcineka ngalolu daba, nemiya-lezo abathunyelelwe yona kabayi-phendulanga.kuze kwashaya isikhathi soku-shicilela bengatholakali.
hudla@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...