Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ezabagijimi 9 Kukhonye iHollywood AC kwiTwo Oceans

Kukhonye iHollywood AC kwiTwo Oceans

by | 5 April 2025

KUKHONYE iHollywood Athletics Club kwiTotalsports Two Oceans yalo nyaka ebingoMgqibelo eCape Town lapho abasubathi bayo bethathe indawo yokuqala esigabeni sabesilisa nakwabesifazane ngokwehlukana.


UGerda Steyn wenze njengoba bekulindeleke edla umhlanganiso kwabesifazane. Lo msubathi ojoyine iHollywood AC ekuqaleni konyaka, ushaye intambo ngesikhathi esiwu-3:29 kanti ubebhekwe ngabomvu ukuba enze irekhodi lalo mjaho okuwu-3:26, eliphethwe nguye.


UKhoarahlane Seutloali waseLesotho udle umhlanganiso kwabesilisa ngesikhathi esiwu-3:10, eshiya umsubathi waKwaZulu-Natal uSboniso Skhakhane ongene endaweni yesibili ngesikhathi esiwu-3:11:18, kwathi uLucky Mohale, obeqala ukubamba iqhaza kulo mjaho, wangena endaweni yesithathu enza u-3:11:27.

Imfivilithi yaKwaZulu-Natal uNkosikhona “Pitbull” Mhlakwana ithathe indawo yesine. UMhlakwana ubegijima lo mjaho okwesithathu kanti ubeqala ukuphuma ngaphandle kwabo kuqala abathathu njengoba eseke wangena endaweni yesibili neyesithathu ngokwehlukana.


USeutloali uthe ujabule kakhulu ngokunqoba lo mjaho njengoba nyakenye ezamile kwi-African Bank Soweto Marathon, wagcina eshiywe ngu-Onalenna Khonkhobe sekubhekwe entanjeni.

Lo mjaho obuphethe isiteki sika-R250 000.

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...