Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ezabagijimi 9 Kukhonye iHollywood AC kwiTwo Oceans

Kukhonye iHollywood AC kwiTwo Oceans

by | 5 April 2025

KUKHONYE iHollywood Athletics Club kwiTotalsports Two Oceans yalo nyaka ebingoMgqibelo eCape Town lapho abasubathi bayo bethathe indawo yokuqala esigabeni sabesilisa nakwabesifazane ngokwehlukana.


UGerda Steyn wenze njengoba bekulindeleke edla umhlanganiso kwabesifazane. Lo msubathi ojoyine iHollywood AC ekuqaleni konyaka, ushaye intambo ngesikhathi esiwu-3:29 kanti ubebhekwe ngabomvu ukuba enze irekhodi lalo mjaho okuwu-3:26, eliphethwe nguye.


UKhoarahlane Seutloali waseLesotho udle umhlanganiso kwabesilisa ngesikhathi esiwu-3:10, eshiya umsubathi waKwaZulu-Natal uSboniso Skhakhane ongene endaweni yesibili ngesikhathi esiwu-3:11:18, kwathi uLucky Mohale, obeqala ukubamba iqhaza kulo mjaho, wangena endaweni yesithathu enza u-3:11:27.

Imfivilithi yaKwaZulu-Natal uNkosikhona “Pitbull” Mhlakwana ithathe indawo yesine. UMhlakwana ubegijima lo mjaho okwesithathu kanti ubeqala ukuphuma ngaphandle kwabo kuqala abathathu njengoba eseke wangena endaweni yesibili neyesithathu ngokwehlukana.


USeutloali uthe ujabule kakhulu ngokunqoba lo mjaho njengoba nyakenye ezamile kwi-African Bank Soweto Marathon, wagcina eshiywe ngu-Onalenna Khonkhobe sekubhekwe entanjeni.

Lo mjaho obuphethe isiteki sika-R250 000.

Ezisematheni

Uyalelwe ukuthi aphumule uZuma ekhishwa esibhedlela

Uyalelwe ukuthi aphumule uZuma ekhishwa esibhedlela

NGEMUVA kwesonto lonke, elaliswe esibhdlela iSt Anne's, ePietermaritzburg, uMengameli weMK Party, nowakewaba nguMengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma, ugcine ekhishiwe esibhedlela. Ukhishwe ngoLwesibili, ekuseni, kanti kuthiwe akayophumula emzini wakhe KwaDakwadunuse,...

Umisiwe umfundisi osolwa ngokudlwengula umfana ona-16

Umisiwe umfundisi osolwa ngokudlwengula umfana ona-16

UMISIWE emisebenzini yebandla omunye wabefundisi abanesikhundla esiphezulu eMethodist Church of Southern Africa, eyaziwa ngamaWeseli, ngemuva kokuboshwa, esolwa ngokudlwengulela endlini yesonto umfana (16) ahlangane naye enkundleni yabathungatha uthando (dating app)....