Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ushaya indesheni ngoxhaso oyobuka iNdebe yoMhlaba

Ushaya indesheni ngoxhaso oyobuka iNdebe yoMhlaba

by | 10 May 2026

NGUMLANDELI woSuthu uNdumiso Zondi, odume ngelikaDlamini.


UZOSHAYA indesheni kumengameli wamaZulu FC, uMnu Sandile Zungu, acele uxhaso lokusuka KwaZulu-Natal eya eGoli umlandeli oqavile woSuthu uMnu Ndumiso Zondi (osesithombeni), odume ngelikaDlamini, othole ithuba lokuyobuka imidlalo yeBafana Bafana kwiNdebe yoMhlaba.

UZondi uveze lokhu ngesikhathi ekhuluma naleli phephandaba kulandela ukukumenyezelwa kwakhe njengomunye wabalandeli abawu-16 abanyelwe yinyoni esandleni, njengoba uNgqongqoshe wezeMidlalo, amaCiko namaSiko kuzwelonke uMnu Gayton McKenzie, ememezele ukuthi bazohlomula ngethuba lokuyobuka iBafaka kulr midlalo ezokuba se-USA, eMexico naseCanada ngenyanga ezayo.

UZondi uthi uzizwa ethobekile ngokuthola le ngqayizivele yethuba. Uthi ohambweni lwabo kumele umuntu azihlanganisele imali yokuya esikhumulweni sezindiza eGoli esuka eKZN, aphinde azihlanganisele eyokusuka eGoli esebuyela eKZN ngosuku ayobuya ngalo.n

“Ngiswele amazwi okubonga ngendlela engijabule ngayo. Lokhu kufana nokufezeka kwephupho lami. Ngithanda ukubonga kubona bonke abantu abahlale bengeseka uma ngisezinkundleni.

“Ngithanda nokubonga ILANGA ngokuba ngabokuqala ukungiqhakambisa njengomlandeli oqavile oSuthwini. Ngizoke ngivakashele noMengameli woSuthu uMnu Sandile Zungu, ngifike ngishaye indesheni njengoba kufanele sizihlanganisele imali yokuya eGoli nokubuya. Ngiyathembisa ukuthi ngizosimela kahle isifundazwe kulolu hambo. Uma kukhona abangangixhasa ngabangangipha khona, ngingajabula,” esho.

Okhulumela AmaZulu FC uMnu Philani “Pro” Ndlela, uthi bazolinda uDlamini aye eqenjini nazo zonke izimfanelo.

“Okwamanje besisamjabulela njengomlandeli wethu oqavile. Sizolinda yena aze afike azosibikela, asilethele nezinsuku okumele ahambe ngazo bese siyabona ukuthi silekelela kanjani,” esho.

Udaba lokuhanjiswa kwabalandeli abaqavile ukuyobuka iqembu lesizwe lube sematheni kule minyaka edlule njengoba uMcKenzie eke wasikaza ukukuvala. UMcKenzie wakhala ngokuthi kulolu hlelo kuhamba abalandeli ababodwa okugqame kubo uNkz Joyce “Mama Joy” Chauke noMnu Botha Msila, yize bebaningi abalandeli abazifelayo ngebhola.

Wathi kwiNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo ka-2023 uhulumeni wachitha imali ecela ku-R1.3 million ukuxhasa uhambo lukaMama Joy noMsila. Lokhu kakwehlanga kahle kuMama Joy njengoba babonakala benqakisana ngamazwi noMcKenzie enkundleni yokuxhumana i-X.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...