
INTAKA ibekelwe amazolo kwiDundee July engoMgqibelo lapho kuzokube kugabavula amahhashi awu-340 eDundee. Kuzokube kugaduliswana emijahweni ewu-12 kubangwa imiklomelo yenani lika-R3 million. Ingqwele yomjaho omkhulu izoguduka no-R400 000.
Namuhla ngoLwesihlanu kuzokuba nenhlabaluhide edolobheni iDundee. Kuzokuthi ntambama kube nedili lomculo kamaskandi elokishini iSibongile.
UNgqongqoshe wezeMidlalo KwaZulu-Natal uMntomuhle Khawula, uthe balindele umjaho osezingeni eliphezulu kulo nyaka njengoba kugujwa unyaka ka-21 wasungulwa.
“Konke sekumi ngomumo ngeDundee July yalo nyaka. Uma ungekho eDundee ngale mpelasonto uzophuthelwa.
“Lo mjaho waqala kuyinto encane, abantu bezenzela ngabodwana, manje usukhule kakhulu. Okuhle wukuthi kuzokube kungenwa mahhala kanti ikhona neminye imicimbi okungenwa ngemali kuyona,” kusho uKhawala.
Uqhube wathi uyasithanda isiqubulo salo nyaka esithi “Hloba ngobu-Afrika” lapho belindele ingqephu esezingeni eliphezulu. Ngaphandle kwamahhashi, kuzokube kunomncintiswano wengqephu ozokwenzeka ngesikhathi esisodwa namahhashi.







