Ilanga News
Home 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho Featured 9 Kukhuthazwe intsha ngokwenza umehluko eMzansi

Kukhuthazwe intsha ngokwenza umehluko eMzansi

by | 6 June 2025

KUKHUTHAZWE intsha eqhamuka ezikhungweni ezahlukene zama-TVET College aKwaZulu Natal ukuthi abe yingxenye yomkhankaso wakwaBrand SA obizwa ngePlay Your Part.

Amanxusa alo mkhankaso ahlangane eThe Station ngoLwesine ngenhloso yokuzokhuthazwa nokukhangisa ngamabhizinisi nezinhlelo anazo ukusiza nokufukula umphakathi ngezindlela ezahlukene.

Amanxusa alo mkhankaso aphume ngobuningi ngenhloso yokuzoba yisibonelo kwabanye ozakwabo abasebasha ukuba nabo badlale indima emphakathini abayakhele ngokwenza umehluko wanoma yiluphi uhlobo yokuyithuthukisa.

Isikhulu esiphezulu sakwaBrand South Afrika uMnu Neville Martjie ukhuthaze abantu abasha ukuthi kumele bakukhuthalele ukuhlale bekhuluma kahle ngezwe labo.

Uthe uyakuqonda ukuthi zikhona izinkinga ezikhona ezweni kodwa okumqoka wukushumayela izwi elinenqubekela phambili yezwe kunalokhu okulibuyisela emuva. “Kumele ezinkulumeni zethu sihlale sishumayela amazwi akha izwe lethu.

Siyayithanda iNingizimu Afrika ngakho esikwenzayo kumele kukhombise ngokusoba uthando esinalo ngalo,” kusho uMastjie.

UCharles Khumalo uphendulwe isibonelo sokuba yinxusa leNingizimu Afrika elihle ngohlelo lwakhe lokusungula isikhungo sokuqeqesha ngokubhukuda endaweni yasemakhaya iSiyathemba Academy.

Ephawula ngesikhungo sakhe uKhumalo uthe uqaphelile ukuthi ukuthi iningi lezingane zasemakhaya zihlangabezana nezinkinga zokuwela imifula uma ziya noma zibuya esikoleni.

Ngakho ubone kumqoka ukuthi azicobelele ngolwazi lokuziphephisa emanzini uma kwenzeka zihlangabezana nezimo ezinzima emanzini.

Uthe uyakujabulela ukuba yingxenye yalo mkhankaso wePlay Your Part ngoba naye iyona ndlela azinikela ngayo ekwenzeni ushintsho emphakathini. Kulo mcimbi kunxuswe intsha ukuba ingagcini ngokulinda ushintsho kodwa ihambe phambili ekwenzeni ushintsho kwezomnotho nasekuthuthukiseni umphakathi.

Umkhankaso wePlay Your Part ngowezwe lonke kanti inhloso yawo wukuthuthukisa nokuqhakambisa ukuzinikela kubantu baseNingizimu Afrika.

Lo mkhankaso uhlose ukukhuthaza nokugqugquzela abantu bakulek ukuba bazimbandakanye ezinhlelweni ezenza ushintsho emphakathini nganoma iyiphi indlela.

Ezisematheni

Bafuna kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaRamaphosa

Bafuna kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaRamaphosa

AMAQEMBU uMkhonto weSizwe Party (MK) ne-African Transformation (ATM) asebhalele ngokwehlukana uSomlomo wePhalamende uNkz Thoko Didiza ukuba ahlele usuku lokuba kudingidwe futhi kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaMengameli Cyril Ramaphosa. Lokhu kuza ngemuva...

Umnyango nohlelo lomazisi kumakhalekhukhwini

Umnyango nohlelo lomazisi kumakhalekhukhwini

NGUNGQONGQOSHE weKhaya, uMnu Leon Schreiber. UMNYANGO wezaseKhaya usunike izakhamizi kuze kube wumhla ka-6 kuNhlangulana (June), ukuba ziveze uvo lwazo mayelana nemigomo oyihlongozayo ubuyekeza umthetho i-Identification Act (2002), ezokwenza kuqalwe uhlelo lomazisi...