Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uhulumeni uyayisebenza eyokwenyuka kukaphethiloli

Uhulumeni uyayisebenza eyokwenyuka kukaphethiloli

by | 31 March 2026

UHULUMENI waseNingizimu Afrika usumemezele ukuthi unqume ukwehlisa ngo-R3 elitheni intela ebizwa nge-fuel levy, eyingxenye yentengo kaphethiloli, ukwehlisa inani obuzokwenyuka ngalo uphethiloli namuhla ebusuku.

Ngenxa yalokhu, intengo kaphethiloli kumenyezelwe ukuthi izonyuka ngo-R3.08 elitheni, kuthi ekadizili inyuke ngo-R7.37. Ongoti bebeqagule ukuthi uphethiloli uzokwenyuka ngaphezulu kuka-R5, kanti udizili ubukhonjwa ku-R10, ngenxa yempi enqubekayo eMiddle East, ephakathi kwe-Iran ne-Israel (esebenzisana neMelika).

UMengameli Cyril Ramaphosa usejube ithimba elizobheka izindlela zokwenza kungazweli kakhulu ezakhamizini zakuleli ukwenyuka kwentengo kawoyela emhlabeni. Ngokusho kukaMnu Vincent Magwenya, okhulumela ihhovisi likamengameli, leli thimba lididiyele ongqongqoshe wezeMali, owezobudlelwano namanye amazwe nowezohwebo nezezimboni.

UMagwenya uthi leli thimba lizobheka izindlela uhulumeni waseNingizimu Afrika ongenza ngayo ukuvikela umnotho nabathengi bakuleli kulesi simo sokwenyuka kukaphethiloli, okugcina kwenyusa izindleko zokuphila.

“Lizobhekisisa iziphakamiso ezilethwa kwikhabhinethi, mayelana nezaba ezingenziwa ukubhekana nomthelela wesimo esiqhubekayo eMiddle East ezweni lethu,” kusho uMagwenya.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...