Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uhulumeni uyayisebenza eyokwenyuka kukaphethiloli

Uhulumeni uyayisebenza eyokwenyuka kukaphethiloli

by | 31 March 2026

UHULUMENI waseNingizimu Afrika usumemezele ukuthi unqume ukwehlisa ngo-R3 elitheni intela ebizwa nge-fuel levy, eyingxenye yentengo kaphethiloli, ukwehlisa inani obuzokwenyuka ngalo uphethiloli namuhla ebusuku.

Ngenxa yalokhu, intengo kaphethiloli kumenyezelwe ukuthi izonyuka ngo-R3.08 elitheni, kuthi ekadizili inyuke ngo-R7.37. Ongoti bebeqagule ukuthi uphethiloli uzokwenyuka ngaphezulu kuka-R5, kanti udizili ubukhonjwa ku-R10, ngenxa yempi enqubekayo eMiddle East, ephakathi kwe-Iran ne-Israel (esebenzisana neMelika).

UMengameli Cyril Ramaphosa usejube ithimba elizobheka izindlela zokwenza kungazweli kakhulu ezakhamizini zakuleli ukwenyuka kwentengo kawoyela emhlabeni. Ngokusho kukaMnu Vincent Magwenya, okhulumela ihhovisi likamengameli, leli thimba lididiyele ongqongqoshe wezeMali, owezobudlelwano namanye amazwe nowezohwebo nezezimboni.

UMagwenya uthi leli thimba lizobheka izindlela uhulumeni waseNingizimu Afrika ongenza ngayo ukuvikela umnotho nabathengi bakuleli kulesi simo sokwenyuka kukaphethiloli, okugcina kwenyusa izindleko zokuphila.

“Lizobhekisisa iziphakamiso ezilethwa kwikhabhinethi, mayelana nezaba ezingenziwa ukubhekana nomthelela wesimo esiqhubekayo eMiddle East ezweni lethu,” kusho uMagwenya.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...