Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kukhuzwa umkhuba wokucosha uma kuqhunyiswa imoto yemali

Kukhuzwa umkhuba wokucosha uma kuqhunyiswa imoto yemali

by | 2 September 2025


AMAPHOYISA axwayisa abantu ngobungozi bokucosha imali uma izigebengu ziqeda ukuqhumisa imoto yemali. Lokhu kuza ngemuva kokuba kudubuleke abantu ababili abebezimele eceleni, ‘belinde ukucosha’, ngesikhathi kudubulana onogada nezigebengu ebezibamba imoto yemali eDawn Park, eGauteng, izolo ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uCol Dimakatso Nevhuhulwi uthi abasolwa abawu-8 abebehamba ngemoto yohlobo lweMercedes-Benz bashayise imoto yemali ngemuva, yashayisa itekisi ebingaphambili, yase igingqika. Kuthiwa babe sebeyiqhumisa le moto, bashaya bachitha nesamba semali esingakadalulwa.

Uthi kube nokudubulana phakathi kwabasolwa nonogada, kwadubuleka abantu ababili abebezimele eceleni, bashona.

“Amaphoyisa anxusa abantu ukungasondeli ezigamekweni zokubanjwa kwemoto yemali, futhi bangazami ukucosha imali uma imoto isiqhunyisiwe, izigebengu sezibalekile,” kusho uCol Nevhuhulwi.

Uthe abantu kumele bahlale beqaphile la abakhona futhi basheshe babikele amaphoyisa uma bebona izenzo zobugebengu noma okusolisayo.

YIZIMOTO okusolwa ukuthi zisetshenziswe kudunwa imoto yemali eDawn Park, eGauteng, ngoMsombuluko.


Namuhla ngoLwesibili amaphoyisa athi ancinzwe indlebe ngokubonakala kwemoto esolwa ngokubandakanyeka esigamekweni sokuqhunyiswa kwemoto yemali emzini oseRondebult, eGermiston. Kuthiwa afike khona abopha umsolwa oyedwa otholakale nemali engcoliswe wudayi, isibhamu nezinhlamvu, nezimoto ezimbili okukholakala ukuthi zisetshenziswe kubanjwa imoto yemali.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...