Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kukhuzwa umkhuba wokucosha uma kuqhunyiswa imoto yemali

Kukhuzwa umkhuba wokucosha uma kuqhunyiswa imoto yemali

by | 2 September 2025


AMAPHOYISA axwayisa abantu ngobungozi bokucosha imali uma izigebengu ziqeda ukuqhumisa imoto yemali. Lokhu kuza ngemuva kokuba kudubuleke abantu ababili abebezimele eceleni, ‘belinde ukucosha’, ngesikhathi kudubulana onogada nezigebengu ebezibamba imoto yemali eDawn Park, eGauteng, izolo ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uCol Dimakatso Nevhuhulwi uthi abasolwa abawu-8 abebehamba ngemoto yohlobo lweMercedes-Benz bashayise imoto yemali ngemuva, yashayisa itekisi ebingaphambili, yase igingqika. Kuthiwa babe sebeyiqhumisa le moto, bashaya bachitha nesamba semali esingakadalulwa.

Uthi kube nokudubulana phakathi kwabasolwa nonogada, kwadubuleka abantu ababili abebezimele eceleni, bashona.

“Amaphoyisa anxusa abantu ukungasondeli ezigamekweni zokubanjwa kwemoto yemali, futhi bangazami ukucosha imali uma imoto isiqhunyisiwe, izigebengu sezibalekile,” kusho uCol Nevhuhulwi.

Uthe abantu kumele bahlale beqaphile la abakhona futhi basheshe babikele amaphoyisa uma bebona izenzo zobugebengu noma okusolisayo.

YIZIMOTO okusolwa ukuthi zisetshenziswe kudunwa imoto yemali eDawn Park, eGauteng, ngoMsombuluko.


Namuhla ngoLwesibili amaphoyisa athi ancinzwe indlebe ngokubonakala kwemoto esolwa ngokubandakanyeka esigamekweni sokuqhunyiswa kwemoto yemali emzini oseRondebult, eGermiston. Kuthiwa afike khona abopha umsolwa oyedwa otholakale nemali engcoliswe wudayi, isibhamu nezinhlamvu, nezimoto ezimbili okukholakala ukuthi zisetshenziswe kubanjwa imoto yemali.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...