Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Uzosiza izingane zamaphoyisa afele emsebenzini’ umnikelo wokuhlabisa uMkhwanazi

‘Uzosiza izingane zamaphoyisa afele emsebenzini’ umnikelo wokuhlabisa uMkhwanazi

by | 13 August 2025

IMALI ekolekwe yizakhamizi zakuleli “ukuhlabisa izinkomo ezimbili” uMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi izonikelelwa iSA Police Service Education Trust (SAPSET, okuyisikwana eselekelela ngezidingo zemfundo zezingane zamaphoyisa abulawe esemsebenzini.

Ngenyanga edlule abantu ezinkundleni zokuxhumana baqale umkhankaso weBackABuddy, wokuqoqa umnikelo wokubonga uMkhwanazi ngokuba nesibindi eveza izinsolo zenkohlakalo ezithinta izikhulu zikahulumeni nezombutho wamaphoyisa. Uqala lo mkhankaso, bekuhloswe ukukoleka u-R35 000, kodwa kugcine sekuba ngaphezulu (R44 000).

Kuvele ukuthi uMkhwanazi ngeke akwazi ukuyemukela le mali ngenxa yemigomo elawula izikhulu zikahulumeni, ethi kazikwazi ukuthola izipho ngoba lokhu kungagcina sekuba nomthelela ezinqumweni zazo.

UMathe uthi sekulindwe ihhovisi lomkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke ukugunyaza ukuthi le mali ifakwe e-akhawuntini yeSAPSET.

“Le mali izosetshenziswa ukukhokhela imali yokufuna, izincwani nemifaniswano yezingane oyise nonina bazo abalahlekelwa yizimpilo zabo ngenxa yomsebenzi,” kusho uBrig Mathe. Uthe uMkhwanazi ubonga bonke abafake isandla kulo mnikelo.

IBackaBuddy ithi ibingakayidedeli le mali ngoba umuntu okubhalwe ukuthi iqoqelwa yena ubengakabaniki imvume.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...