Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Uzosiza izingane zamaphoyisa afele emsebenzini’ umnikelo wokuhlabisa uMkhwanazi

‘Uzosiza izingane zamaphoyisa afele emsebenzini’ umnikelo wokuhlabisa uMkhwanazi

by | 13 August 2025

IMALI ekolekwe yizakhamizi zakuleli “ukuhlabisa izinkomo ezimbili” uMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi izonikelelwa iSA Police Service Education Trust (SAPSET, okuyisikwana eselekelela ngezidingo zemfundo zezingane zamaphoyisa abulawe esemsebenzini.

Ngenyanga edlule abantu ezinkundleni zokuxhumana baqale umkhankaso weBackABuddy, wokuqoqa umnikelo wokubonga uMkhwanazi ngokuba nesibindi eveza izinsolo zenkohlakalo ezithinta izikhulu zikahulumeni nezombutho wamaphoyisa. Uqala lo mkhankaso, bekuhloswe ukukoleka u-R35 000, kodwa kugcine sekuba ngaphezulu (R44 000).

Kuvele ukuthi uMkhwanazi ngeke akwazi ukuyemukela le mali ngenxa yemigomo elawula izikhulu zikahulumeni, ethi kazikwazi ukuthola izipho ngoba lokhu kungagcina sekuba nomthelela ezinqumweni zazo.

UMathe uthi sekulindwe ihhovisi lomkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke ukugunyaza ukuthi le mali ifakwe e-akhawuntini yeSAPSET.

“Le mali izosetshenziswa ukukhokhela imali yokufuna, izincwani nemifaniswano yezingane oyise nonina bazo abalahlekelwa yizimpilo zabo ngenxa yomsebenzi,” kusho uBrig Mathe. Uthe uMkhwanazi ubonga bonke abafake isandla kulo mnikelo.

IBackaBuddy ithi ibingakayidedeli le mali ngoba umuntu okubhalwe ukuthi iqoqelwa yena ubengakabaniki imvume.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...