Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Luzomangaza olokujola kwezihlobo kumabonakude

Luzomangaza olokujola kwezihlobo kumabonakude

by | 23 January 2025

KULINDELEKE ukuthi lishiye ababukeli bebambe ongezansi uhlelo lukamabonakude olwezithandani ezihlobene futhi eziyingzenya yalo ngenhloso yokuthola izibusiso zathando wazo emindenini yazo.

Lolu hlelo olubzwa ngokuthi Umkhonto Ogwaza Ekhaya kulindeleke ukuthi lukhombise iziqephu eziqu-13 njengoba kulindeleke ukuthi luqale ukukhonjiswa ngomhla ka-9 kuFebruary 2025 seligamenxe ihora lesikhombisa kuMzansi Magic Channel 161.

Ngokusho kwesitatimende esikhishwa ngabakwaMultichoice lolu hlelo luzomangaza abaningi njengoba kuyishwa kuphambene namasiko amaningi akuleli ukuthandana kwezihlobo.

Ababukeli bazobona lezi zithandani ezikhethe ukukubeka eceleni ukuthi zihlobene zabeka imizwa yazo phambili futhi zizimisele ukuthola ukwamukelwa nezibusiso ngokuthi ziqhubeke nothando lwazo.

Kuzobonakala indlela imindeni yalezi zithandani ezizokwamukela ngayo umjolo wazo.

Kulindeleke ukuthi kube nokukhala nokugedla kwamazinyo njengoba eminye imindeni ingeke ikwamukele ukujola kwezihlobo zayo ndawonye.

Kuzo Luzokwethulwa nguWright Ngubeni ongumlingisi nomethuli wezinhlelo zikamabonakude.

UNgubeni uqale ukuzakhela igama kumabonakude esayingane ngesikhathi edlala indawo kaJonathan kanti uke wabonakala nakwezinye izinhlelo.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...