Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Luzomangaza olokujola kwezihlobo kumabonakude

Luzomangaza olokujola kwezihlobo kumabonakude

by | 23 January 2025

KULINDELEKE ukuthi lishiye ababukeli bebambe ongezansi uhlelo lukamabonakude olwezithandani ezihlobene futhi eziyingzenya yalo ngenhloso yokuthola izibusiso zathando wazo emindenini yazo.

Lolu hlelo olubzwa ngokuthi Umkhonto Ogwaza Ekhaya kulindeleke ukuthi lukhombise iziqephu eziqu-13 njengoba kulindeleke ukuthi luqale ukukhonjiswa ngomhla ka-9 kuFebruary 2025 seligamenxe ihora lesikhombisa kuMzansi Magic Channel 161.

Ngokusho kwesitatimende esikhishwa ngabakwaMultichoice lolu hlelo luzomangaza abaningi njengoba kuyishwa kuphambene namasiko amaningi akuleli ukuthandana kwezihlobo.

Ababukeli bazobona lezi zithandani ezikhethe ukukubeka eceleni ukuthi zihlobene zabeka imizwa yazo phambili futhi zizimisele ukuthola ukwamukelwa nezibusiso ngokuthi ziqhubeke nothando lwazo.

Kuzobonakala indlela imindeni yalezi zithandani ezizokwamukela ngayo umjolo wazo.

Kulindeleke ukuthi kube nokukhala nokugedla kwamazinyo njengoba eminye imindeni ingeke ikwamukele ukujola kwezihlobo zayo ndawonye.

Kuzo Luzokwethulwa nguWright Ngubeni ongumlingisi nomethuli wezinhlelo zikamabonakude.

UNgubeni uqale ukuzakhela igama kumabonakude esayingane ngesikhathi edlala indawo kaJonathan kanti uke wabonakala nakwezinye izinhlelo.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...