Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umndeni usola u-principal ngokufa kwamawele omfundi

Umndeni usola u-principal ngokufa kwamawele omfundi

by | 26 March 2026

UKHALA ngothishanhloko waseNtshisekelo High School, umndeni womfundi (17) okuthiwa uthishanhloko ‘unqabe’ ukuthi anikwe usizo, ebeletha esikoleni, wagcina eshonelwe ngamawele abeqeda kuzalwa.

ILANGA lixoxe nomndeni ka-Angel Magubane (17), owenza uGrade 11, kulesi sikole esisePhola Mission, eNanda, othi ngabe asaphila amawele endodakazi yawo, eficwe wukubeletha isendlini yangasese esikoleni, ukube uthishanhloko akazijikisanga izimoto ebezithi ziyoyithatha, ziyiphuthumise esibhedlela, iqeda ukubeletha.

Uchaza ngesigameko umndeni, uthi indodakazi yawo ibisenezinyanga ezinhlanu ikhulelwe ngesikhathi ificwa wukubeletha isesikoleni, kodwa uthishanhloko wazijikisa izimoto obuziqashile, ethi kumele kufike i-ambulensi, egcine ingafikanga isibiziwe. Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngomhla ka-9 kule nyanga, phakathi esikoleni. 

Unina ka-Angel, uNkz Zodwa Magubane, uthe indodakazi yakhe ufisa yelulekwe ngokomqondo, njengoba ihluleka wukubekezelela okwenzeke kuyona. Uthe ibuye ikhale into engapheli, kanti isabhala izivivinyo zekota yokuqala yonyaka.

“Ngosuku abelethe ngalo u-Angel, uhambe ekhaya engakhombisi ukuthi angase abelethe, njengoba ubesenezinyanga eziyisihlanu ekhulelwe. Sizwe sesifonelwa esikoleni ukuthi uyabeletha. Siqale ngokuthumela imoto ebesiyiqashile ukuthi iyomthatha. Uthishomkhulu wayijikisa, ethi kumele kube yi-ambulensi ngoba useze wayibeletha ingane yokuqala.

“Inkinga i-ambulensi ebibiziwe ibingafiki. Nabakubo kwala ekhuleliswe khona u-Angel, bathumele imoto, nayo efike yajikiswa. Ngoku-bona ukuthi i-ambulensi ebiziwe kayifiki, kuphoqe ukuthi siqashe i-Uber esiyichazele ukuthi ifike ingakhulumi lutho, ithathe izingane nonina ngoba ingase ijikiswe uma ichaza izinto eziningi. 

“Nebala yiyona efike yathatha unina nezingane, kodwa eyodwa isishonile ngenxa yokuthi bezihleli phansi kusimende, zingambathisiwe. Eyesibili ishone sifika esibhedlela. Amawele bekungumfana nentombazane,” kusho uNkz Magubane.

Kulesi sigameko kuphinde kwasabalala nezindaba zokuthi uthishanhloko ubefuna umndeni womfundi uyogeza isikole ngembuzi, ngokubelethela esikoleni kwengane yabo. Ilungu lesigungu sesikole, uMnu Nathi Nojiyeza, lithe bayile esikoleni okwenzeke kusona isigameko.

“Besithole ukuthi uthishanhloko ufuna imbuzi yokugeza isikole. Uma esesichazela, sithole ukuthi kakulona iqiniso lokhu, kodwa ukhona umuntu obesabalalisa lezi zindaba ezingelona iqiniso,” kusho uNojiyeza.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo kwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, akawuphendulanga umyalezo athunyelelwe wona, nocingo lwakhe ubengalubambi. NoMnu Mlungisi Mtshali woMnyango, ugcine ngokuwufunda umyalezo, wangawuphendula, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

Ezisematheni

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

UMBHISHOBHI Sandile Ndlela, webandla iMethodist Church eNtuzuma, ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe uMkhonto weSizwe Party (MKP) athi uphethe iNational Religious Desk kulona, njengoba esanda kushiselwa umuzi. Uthi njengoba bekunomoya omkhulu izolo ngoMgqibelo,...

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

IKHALE ngokungabi nanembeza nokwedelela ngokudlwengulwa kwesisulu eduze kwethuna likayise, iMantshi uW.J.J Schutte, igweba “umalugaju” waseRichards Bay. Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko, ngesikhathi iNkantolo yesiFunda saseRichards Bay, igixabeza lo “malugaju” uSanele...