Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Abapheli amandla abachithwe yinkantolo embangweni waseNdlunkulu

Abapheli amandla abachithwe yinkantolo embangweni waseNdlunkulu

by | 9 October 2025

NGUMNTWANA uSimakade kaZwelithini.

UHLANGOTHI lwabaNtwana baseNdlunkulu kaZulu, olweseka uMntwana uSimakade “Zondamagwala” kaZwelithini, luthi luzohlangana nethimba labameli balo, kuhlaziywe isinqumo seNkantolo eNkulu yokweDlulisa amaCala.

Le nkantolo eseBloemfontein, iqinisekisile ukuthi iSilo uMisuzulu “iNdlulamithi” kaZwelithini, yisola esifanele ukuba sesihlalweni sobukhosi njengoba abephonselwa inselelo ngabanye abaNtwana baseNdlunkulu, okubalwa noMntwana uSimakade.

UMntwana uThulani Zulu, waseZibindini, okhulumela iSilo uMisuzulu, uthe kunomhlangano weziNdlu zonke zaseNdlunkulu, ozokuba ngomhla ka-29 kuMfumfu (October), lapho bezobikelwa khona ngesinqumo senkantolo, bese “kuyabuyiswana”.

UMntwana uThokozani Zulu, okhulumela uMntwana uSimakade, uthi bazohlangana lingakapheli isonto elizayo nabameli babo, kudingidwe isinqumo senkantolo.

“Sizosiphonsela inselelo isinqumo senkantolo, ngoba asisamukeli. Inselelo esisabhekene nayo wukuthi sihlakazekile – abanye baseGoli, abanye baseThekwini, KwaNongoma, naseMgungundlovu, njengoba mina ngiKwaDukuza nje. Asikakapheli amandla ngoba udaba sihlela ukulwedlulisela eNkantolo yoMthethosisekelo,” esho.

UMmeli u-Advocate Morumo Moerane, owayemele uMengameli Cyril Ramaphosa, wathi isinqumo sokubeka iSilo uMisuzulu esihlalweni, sathathwa yiNdlunkulu njengoba lokhu kwafakazelwa yiJaji uMjabuliseni Madondo, basedlulisela kumengameli.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...