Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Abapheli amandla abachithwe yinkantolo embangweni waseNdlunkulu

Abapheli amandla abachithwe yinkantolo embangweni waseNdlunkulu

by | 9 October 2025

NGUMNTWANA uSimakade kaZwelithini.

UHLANGOTHI lwabaNtwana baseNdlunkulu kaZulu, olweseka uMntwana uSimakade “Zondamagwala” kaZwelithini, luthi luzohlangana nethimba labameli balo, kuhlaziywe isinqumo seNkantolo eNkulu yokweDlulisa amaCala.

Le nkantolo eseBloemfontein, iqinisekisile ukuthi iSilo uMisuzulu “iNdlulamithi” kaZwelithini, yisola esifanele ukuba sesihlalweni sobukhosi njengoba abephonselwa inselelo ngabanye abaNtwana baseNdlunkulu, okubalwa noMntwana uSimakade.

UMntwana uThulani Zulu, waseZibindini, okhulumela iSilo uMisuzulu, uthe kunomhlangano weziNdlu zonke zaseNdlunkulu, ozokuba ngomhla ka-29 kuMfumfu (October), lapho bezobikelwa khona ngesinqumo senkantolo, bese “kuyabuyiswana”.

UMntwana uThokozani Zulu, okhulumela uMntwana uSimakade, uthi bazohlangana lingakapheli isonto elizayo nabameli babo, kudingidwe isinqumo senkantolo.

“Sizosiphonsela inselelo isinqumo senkantolo, ngoba asisamukeli. Inselelo esisabhekene nayo wukuthi sihlakazekile – abanye baseGoli, abanye baseThekwini, KwaNongoma, naseMgungundlovu, njengoba mina ngiKwaDukuza nje. Asikakapheli amandla ngoba udaba sihlela ukulwedlulisela eNkantolo yoMthethosisekelo,” esho.

UMmeli u-Advocate Morumo Moerane, owayemele uMengameli Cyril Ramaphosa, wathi isinqumo sokubeka iSilo uMisuzulu esihlalweni, sathathwa yiNdlunkulu njengoba lokhu kwafakazelwa yiJaji uMjabuliseni Madondo, basedlulisela kumengameli.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...