Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Kulindelwe izinkumbi emjahweni wokukhumbula iNkosi u-Albert Luthuli

Kulindelwe izinkumbi emjahweni wokukhumbula iNkosi u-Albert Luthuli

by | 16 July 2025


KULINDELWE izinkumbi zabantu emjahweni wokukhumbula iqhawe lomzabalazo wenkululeko uChief Albert Luthuli, owaba ngumengameli we-ANC kusukela ngo-1952 kuya ku-1967. Lo mjaho ohlukaniswe izigaba ezimbili, iLuthuli Walk (11.5km) & Fun Run (7.7km), uzokuba ngoMgqibelo eGroutville, KwaDukuza, usukela kwisigcinamagugu (museum) salo mholi.

Kuzokuba ngunyaka wesi-9 kulo nyaka lo mjaho uba khona. Kulo nyaka liphinde lagqama kakhulu udaba lukaLuthuli njengoba kuvulwe kabusha uphenyo ngokufa kwakhe, njengoba kusolwa ukuthi kwaba nesandla semfene.

Phambilini bekwazi ukuthi lo mholi washona ngemuva kokushayiswa yisitimela.


Lo mjaho wokukhumbula uLuthuli uhlelwe yiLuthuli Museum ibambisene ne-Enterprise Ilembe, uMasipala waKwaDukuza Municipality, uMasipala wesiFunda iLembe nebandla i-United Congregational Church of Southern Africa.

“Besicela umphakathi ongaphansi kweLembe namaphethelo ukuba uphumelele ngobuningi bawo kulo mjaho kwazise inhloso yawo wukuthuthukisa umnotho wendawo nokugqugquzela abantu ukuba bahlale bewumqemane.

“ULuthuli bekuwumuntu wokuthula elwela abantu futhi uhlonishwa umhlaba wonke njengoba kwaba ngumuntu wokuqala wase-Afrika ukuhlomula ngeNobel Peace Prize (ngo-1960),” kusho umbiko.

Imali yokubhalisa kwabahambayo ngu-R80 kanti kwi-fun run ngu-R150. Izinombolo zizolandwa ngoLwesine eLuthuli Museum. Abalanda izinamba bayacelwa ukuba baphathe omazisi babo.


Ngolunye ulwazi kungashayelwa enombolweni ethi: 032 559 6824 noma kungenwe ku: www.luthuliwalk.org.za noma uthunyelwe i-email ku: profficer@luthulimuseum.org.za.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...