Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 I-GEMS ihlinzeke abasubathi beComrades ngendawo yokulala

I-GEMS ihlinzeke abasubathi beComrades ngendawo yokulala

by | 7 June 2025

BAWU-600 abasubathi beComrades Marathon abahlinzekwe ngendawo wokulala exhaswe ngabakwaGEMS. Le ndawo eseYMCA, eMgungundlovu, ihlelelwe abasubathi abangenawo amandla okubhukha izindawo zokulala eziphephile, ukusondelela lo mjaho.



I-GEMS okuyinhlangano ye-medical aid igqugquzela abantu ukuba bazihlanganise nezemidlalo ukuze bahlale beqatha, ukuze imizimba yabo ikwazi ukulwa nezifo.


I-GEMS ingenye yabaxhasi beComrades Marathon ezokuba kusasa ngeSonto isukela eMgungundlovu isongwe eThekwini. Umjaho walo nyaka ungenelwe ngabasubathi abawu-22 00 abaphuma kuwo wonke amagumbi omhlaba.

Phakathi kwabasubathi ababhekiwe nguGerda Steyn ophethe irekhodi lalo mjaho uma kwehliwa (5:44) kanti kwabesilisa kubhekwe uTete Dijana onqobe lo mjaho ngo-2023, wenza irekhodi okuwu-5:13. Omunye obhekiwe nguPiet Wiersma waseNetherlands obe yingqwele nyakenye.


Ngaphandle kokuba ngabaxhasi balo mjaho iGEMS isiza abasubathi abawu-600 ngendawo yokulala kusuka ngoMgqibelo kuze kube wuMsombuluko ekuseni.

UDr Stan Moloabi oyiPrincipal Officer yakwaGEMS uthe bajabule ngokuba yingxenye yeComrades Marathon.

“Lo mjaho ubaluleke kabi emphakathini. Ukunyakazisa umzimba kuyasiza ukulwa nezifo, lokho okwenza umsebenzi wethu njengabantu bezempilo ube lula.


“Sisiza abagijimi ngendawo yokulala ngezinsuku zomjaho. Bazongena ngoMgqibelo baze baphume ngoMsombuluko ekuseni. Sisiza labo abangakwazi ukuzikhokhela indawo yokulala ephephile. Sibanika ukudla nendawo yokugeza enamanzi afudule.

“Uma beqeda ukugijima ngeSonto bazophinde babuye, baphumule, baze baphume ngoMsombuluko. Sifuna abasubathi bakujabulele ukuba yingxenye yalo mjaho,” kusho uMoloabi.

IGEMS ithe izoqhubeka nokuxhasa indawo yokulala abagijimi kule minyaka ezayo.


Lo mjaho uzokube uhlukaniswe izigaba ezimbili abakuqala bazoqala ngo-05h45 kuthi abesibili baqale ngo-06:00 ekuseni. AbeCMA bathe azokube eyisihlanu ama-cuf-offf kulo nyaka. Izokuba seCato Ridge, kuHalf Way Mark, eWinston Park, ePinetown naseSherwood. Kuthiwa abasubathi uma befika eSherwood sekuvaliwe, bazovunyelwa ukuba baqhubeke baze bafike eMabhida kodwa ngeke bathole lutho.

USma Sokhela wakwaCommunity Chest, okunguye ophethe indawo lapho kulala khona abagijimi eYMCA, eMgungundlovu, uthe lolu hlelo luwusizo kubagijimi kwazise abanye bebelala emgwaqweni.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...