
UHULUMENI uzithela ngabandayo ngendlela obhekana ngayo nodaba lwabantu bokufika abangenawo amaphepha, ikakhulukazi labo abathi beze eNingizimu Afrika “ukuzobhaca”. Ngemuva kwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo ngeledlule, esithi uMnyango wezaseKhaya kumele wamukele izicelo zokuzobhaca kuleli nasebantwini abakuleli ngokungemthetho, kuqubuke omkhulu umsindo.
Kuthe ngakusasa kwasabalala izithombe ezinkundleni zokuxhumana zezinkulungwane zabantu bokufika, zibambe olayini abade ezikhungweni zoMnyango wezaseKhaya ezingxenyeni eziningi zezwe, ziyofuna amaphephamvume okubhaca.
Empeleni uhulumeni kumele uchazele izakhamizi ukuthi laba bantu abaningi kangaka, bafike kanjani lapha ezweni bengenazo izimvume? Badlule kanjani emingceleni yezwe? Uma laba bantu bengene ngokungemvume, sinesiqiniseko esingakanani ukuthi kakukho okungalungile abafike nakho?
Emasontweni edlule izwe lithuswe wukubulawa kwabantu eGoli naseLwandle, eCape Town, bebulawa ngezibhamu ezinkulukazi, ezingasetshenziswa ngisho nangamaphoyisa namasosha akuleli. Lezi zibhamu namanje kusaphumputhwa ukuthi zivela kuphi. Laba bantu abafuna ukuzobhaca, abanye babo ngabasemazweni anjengoPakistan, okwandisa amathuba okuthi bafike kuleli ngamabhanoyi. Lokhu kukhombisa ukuthi kusamele kuphenywe kabanzi ngendaba yokushushunjiswa kwabantu (human trafficking) ezweni. Wena ungowaseNingizimu Afrika, ngeke ungene ebhanoyini eliya kwelinye izwe ungenayo iPassport.
Okunye okukhathazayo ngalaba bantu abazobhaca, wukuthi cishe bonke ngabesilisa abasebasha, futhi abanye akunazimpi eziqhubekayo emazweni abo. Kawukwazi ukubaleka uyobhaca, ushiye abesifazane nezingane engozini. Iqiniso wukuthi iningi labantu abeza eNingizimu Afrika, basuke bezele amathuba angcono, namathuba omsebenzi avele ayindlala ezakhamizini zakuleli.
Uhulumeni mawungazishayi indiva izikhalo zamalungu omphakathi ngokusebenza komthethosisekelo, obonakala sengathi uvuna abantu bangaphandle kunabomsinsi. Iqiniso wukuthi baningi abantu abangazi nokuthi kwawona lowo mthethosisekelo onconywa kangaka ngabezizwe wawubhalwe ngubani, wavotelwa nini ngabantu bakuleli. Akukho okusivimbayo njengezakhamizi ukubuwuyekeza nokuwubhala kabusha ukuze uhambisane nokufunwa yizakhamizi.
Noma ungamnika amaphepha umuntu ongenawo, kodwa akumele kunganakwa okokuthi wephule umthetho ngokungena lapha ngopotsho, ngoba izenzo ezinjalo zibeka izwe engcupheni. Amazwe amaningi ikakhulukazi lawa athuthukile, ayabachitha ababhaci.
Thina lapha kwelakithi sizokuba kanjani nesilinganiso sabantu esibemukelayo ukubabhacisa uma bekwazi ukuzingenela emingceleni singazi, ngeqholo lokuthi sizoxoxisana nabo sebengaphakathi? Yini ezobavimba ukulanda abanye obhululu babo ngendlela abangene ngayo?







