Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Kuphela ukuminca kwababambe umoya ngokuqokwa koweSAMA

Kuphela ukuminca kwababambe umoya ngokuqokwa koweSAMA

by | 12 August 2025

KUYAPHELA ukuminca kubaculi nalabo abasemkhakheni womculo njengoba kulindeleke ukuthi ngoLwesine kumenyezelwe amaqokiwe emcimbi weSouth African Music Awards walo nyaka.

Lo mcimbi wokumenyezelwa kwabaqokiwe uzokwenzeka ngohlelo lwezobuchwepheshe (virtual) lapho abaqokiwe eminxeni eyahlukene bezokwaziswa khona ngokuqokwa kwabo kulo mcimbi ogubha iminyaka ewu-31 kulo nyaka.

Isikhulu esiphezulu sakwaRiSA uNhlanhla Sibisi uthe nakulo nyaka basazimisele nokuqhubeka nokugcina umlando nokuqhakambisa ikhono labaculi nalabo abasemkhakheni womculo.

Uthe bazibophezele ukuqinisekisa ukugcina usiko nomlando womculo eNingizimu Afrika.

“Umculo udlala indima emqoka kubantu bakuleli ngezindlela ezahlukene ngakho kubalulekile ukuthi lo mcimbi siwuqhube ngaphandle kokubheka eceleni,” esho.

Uqhube ngokuthi ukumemezela abaqokiwe ngenyanga u-August okuyinyanga yokuqhakambisa abesifazane kusho lukhulu ngoba kubabeka eqhulwini lokuthi sibabungaze ngeqhaza abalidlala emculweni nasemphakathini jikele.

USibisi uthe lo mcimbi weSAMA akuwona nje owezindondo kodwa usuphenduke ingxenye yosiko lomculo eNingizimu Afrika.

Kulo nyaka lo mcimbi ugabe ngabaxhasi okubalwa kubo iMotsepe Foundation, Department of Sport and Recreation, Arts and Culture, SAMPRA, SAMRO, CAPASSO ne-SABC.

USibisi uthe umcimbi omkhulu wokuklomelisa bahlela ukuthi wenzeke ngoNovember nonyaka ngosuku olusazomenyezelwa.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...