Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Kuphela ukuminca kwababambe umoya ngokuqokwa koweSAMA

Kuphela ukuminca kwababambe umoya ngokuqokwa koweSAMA

by | 12 August 2025

KUYAPHELA ukuminca kubaculi nalabo abasemkhakheni womculo njengoba kulindeleke ukuthi ngoLwesine kumenyezelwe amaqokiwe emcimbi weSouth African Music Awards walo nyaka.

Lo mcimbi wokumenyezelwa kwabaqokiwe uzokwenzeka ngohlelo lwezobuchwepheshe (virtual) lapho abaqokiwe eminxeni eyahlukene bezokwaziswa khona ngokuqokwa kwabo kulo mcimbi ogubha iminyaka ewu-31 kulo nyaka.

Isikhulu esiphezulu sakwaRiSA uNhlanhla Sibisi uthe nakulo nyaka basazimisele nokuqhubeka nokugcina umlando nokuqhakambisa ikhono labaculi nalabo abasemkhakheni womculo.

Uthe bazibophezele ukuqinisekisa ukugcina usiko nomlando womculo eNingizimu Afrika.

“Umculo udlala indima emqoka kubantu bakuleli ngezindlela ezahlukene ngakho kubalulekile ukuthi lo mcimbi siwuqhube ngaphandle kokubheka eceleni,” esho.

Uqhube ngokuthi ukumemezela abaqokiwe ngenyanga u-August okuyinyanga yokuqhakambisa abesifazane kusho lukhulu ngoba kubabeka eqhulwini lokuthi sibabungaze ngeqhaza abalidlala emculweni nasemphakathini jikele.

USibisi uthe lo mcimbi weSAMA akuwona nje owezindondo kodwa usuphenduke ingxenye yosiko lomculo eNingizimu Afrika.

Kulo nyaka lo mcimbi ugabe ngabaxhasi okubalwa kubo iMotsepe Foundation, Department of Sport and Recreation, Arts and Culture, SAMPRA, SAMRO, CAPASSO ne-SABC.

USibisi uthe umcimbi omkhulu wokuklomelisa bahlela ukuthi wenzeke ngoNovember nonyaka ngosuku olusazomenyezelwa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...