
KONKE sekumi ngomumo koweThekwini District KZN Provincial Indoor Rowing Championship ozokuba ngoMgqibelo kusukela ngo-08h00 ekuseni kuMbondwe Road, Kwa-L, KwaMashu.
Lo mdlalo uhlelwe nguNokwanda Mthimkhulu onguMengameli weKwaZulu-Natal Rowing Association utshele ILANGA izolo ukuthi konke sekumi ngomumo ngalo mqhudelwano balindele ukuthi abazali bazovumela izingane ziwuhambele kwazise izikole eziningi seziphothulile ukubhala konyaka.
Uthi inhloso enkulu ngawo wukuthi ngemuva kwawo kuzoqokwa isikwati saKwaZulu-Natal esizomela isifundazwe kule midlalo ezokuba seGoli ngenyanga ezayo.
Uveze ukuthi angajabula kakhulu uma umphakathi ungase ufike ngobuningi bawo ukuzokweseka izingane ezisakhula kulo mdlalo abazama ukuba bawufake entsheni.
” Ngiyakuqonda ukuthi lo mdlalo isikhathi esiningi uthathwa njengomdlalo wabelungu ngenxa yokuthi ulwazi alukho. Singajabula kakhulu ukuthi nathi siwufanise ncamashi nonobhutshuzwayo. Izingane zizoqhudelane emunxeni emibili weGold ne-Silver. Okuhle nakakhulu wukuthi sizokube sinezingane eziphuma ezikoleni zabaphila nokukhubazeka. Abanqobile sizokube sesibheka izikhathi abakwazile ukuzenza ukuthi ziyahambisana nomthetho kazwelonke.” esho.

Uqhube ngokuthi iminyaka yezingane izohlukaniswa ngeminyaka esukela ku-U/14, U/15 no-U/16 nevulelekile.
Ukhamba kubukeka lufuze imbiza kwazise uNokwanda uyindodakazi kaSox (Mthimkhulu) ongasekho owayekukhuthalele ukuvukuza amakhono entsheni ikakhulukazi KwaMashu namaphethelo.







