
ZIYAQONGA izinkinga zeRoyal AM njengoba igcine isikhishiwe kwiNedbank Cup. Ngenyanga edlule le kilabhu bekumele idlale neMilford United egijima kwiMotsepe Foundation Championship, koweLast 32 yalo mqhudelwano.
I-AM kayikwazanga ukugijima lo mdlalo njengoba ibhekene nezinkinga ezithinta umnikazi wayo uShauwn Mkhize, okuthiwa ukweleta umqoqintela (SARS) imali elinganiselwa ku-R40 million.
Le kilabhu kubhekwe ukuba idayiswe.
Ukushaywa ngesithendwe kwe-AM kwiNedbank kusho ukuthi iMilford isizobhekana neSekhukhune United, bese kuthi onqobayo abhekane neMamelodi Sundowns kuma-quater final.







