Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 I-AM ishaywe ngesithende koweNedbank Cup

I-AM ishaywe ngesithende koweNedbank Cup

by | 25 February 2025

ZIYAQONGA izinkinga zeRoyal AM njengoba igcine isikhishiwe kwiNedbank Cup. Ngenyanga edlule le kilabhu bekumele idlale neMilford United egijima kwiMotsepe Foundation Championship, koweLast 32 yalo mqhudelwano.

I-AM kayikwazanga ukugijima lo mdlalo njengoba ibhekene nezinkinga ezithinta umnikazi wayo uShauwn Mkhize, okuthiwa ukweleta umqoqintela (SARS) imali elinganiselwa ku-R40 million.

Le kilabhu kubhekwe ukuba idayiswe.

Ukushaywa ngesithendwe kwe-AM kwiNedbank kusho ukuthi iMilford isizobhekana neSekhukhune United, bese kuthi onqobayo abhekane neMamelodi Sundowns kuma-quater final.

Ezisematheni

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithe esikhundleni unobhala jikelele weqembu, uMnu Sibonelo Nomvalo wafaka, uNkz Lindiwe Mtshali esikhundleni sakhe. Izinguquko zenzeke emva kophenyo lwangaphakathi oluveza ukuthi uNomvalo kukhona izinto angazihambisi kahle eqenjini...

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...