
ISIKOLE saKwaZulu-Natal, iNtongande High School, sibe yizingqwele ze-Under 16 South African School Netball Championships ebingempelasonto eGoli. Lesi sikole saseMzingazi, eRichards Bay, sinqobe lo mqhudelwano sidlula kwezinkulu izinqinamba njengoba singenazo izinsiza.
Kuthiwa siziqeqesha esikoleni esingomakhelwane eNkwayindini. USlindile Cele obeyimenenja yesikole uthe basebenze kanzima ukuze bafike emidlalweni kazwelonke.
“Siqale emidlweni yamaZone, saze safika kuma-district. Siye emidlalweni kazwelonke sihambela phezulu njengoba sishaye izikole ezenza kahle kulo mqhudelwani eKing Cetshwayo eyikhaya leNetball esifundazweni. Ukunqoba kwethu sishaya iKhombindlela High School ebe yisikole esivelele kumaKZN Sport Awards nyakenke kusinike olukhulu ugqozi.
“Ukunqoba kwethu imidlalo kazwelonke kusinika elinye ithemba lokuthi sizokuba yingxenye yezikole ezintathu ezivelele kumaKZN Sport Awards azokuba maduze eThekwini. Izingane zethu zenze kahle kakhulu emidlalweni kazwelonke njengoba siyinqobe yonke imidlalo ebesiyingxenye yayo, saba yizinqwele zaseNingizimu Afrika ku-Under 16. Sinqobe yonke imidlalo ebesiyingxenye yayo kusuka kumaZone saze safika kuzwelonke,” kusho uSlindile Cele.

Uqhube wathi isikole sabo sibhekene nezinqinamba njengoba bengenabo abaxhasi, kanti nenkundla yebhola lo mnqakiswano abanayo. Uthi uma bengathola abaxhasi, ezinye zezingane zabo zingaya kude kulo mdlalo.
Lesi sikole sinqoba lo mqhudelwano nje, iKwaZulu-Natal isemanzini kulandela ukudlula emhlabeni kukaThulani “TV” Mkhize odlale enkulu indima ukuthuthukisa lo mdlalo esifundazweni.
Okunye okuhle okwenzekile kwiNetball esifundazweni, iKingdom Stars inyukele kuDivision 1 ngemuva kokuba izingqwele zeTelkom Netball League esongwe ngenyanga edlule eThekwini.







